KUBIKWA ukuthi uNyazilwezulu namaNazaretha angaphansi kwalo bafudukela eNtabazwe, eHarrismith, okuzoba yikomkhulu lebandla.
Lokhu kuza ngemva kwezindaba zokuthi ludilize wonke amadokodo aseBuhleni, okungacaci noma asazovuselelwa yini.Isimo secala lokususa lo mholi esikhundleni nokuthi angaziphathisi okomholi wamaNazaretha, lizongena enkantolo ngoJulayi 17. Kungenzeka lukhishwe uma inkantolo inquma kanjalo.
Umthombo weSolezwe ngeSonto ongaphakathi eBuhleni, uthe kumanje kumatasa kuyakhiwa eNtabazwe, kanti eBuhleni kuyadilizwa.
“Kuthiwa akuphuthunywe kwakhiwe eNtabazwe. Kunezinhlelo zokuthi umuzi oseNtabazwe, umenyezelwe ngoJune 15. Njengamanje seziphelile izakhiwo eziningi eNtabazwe, futhi kusakhiwa ezinye. Akukho okuningi okuchazwayo ngeNtabazwe ngaphandle kwesimemezelo sokuthi akuphuthunywe ukuze wethulwe ngokusemthethweni ngomhlaka 15.
“Ngakolunye uhlangothi eBuhleni kudilizwa amadokodo futhi akubukeki kunesakhiwo esizoqala maduze. Ngisho nabazalwane batshelwa ukuthi bayoziphathela amatende okukhosela uma sekuqale umhlangano kaJulayi ngoba kuzobe kungakakhiwa,” kusho umthombo.
Leli phephandaba linevidiyo yoNyazilwezulu luhamba phakathi kwesithabathaba somuzi owakhiwayo okuthiwa useNtabazwe. Kunenye ividiyo kushunqa uthuli amaNazaretha akha izakhiwo kule ndawo. Ubukhulu besakhiwo abukhombi ukuthi kuhlelelwe ukuthi kuhlale umuntu oyedwa nomndeni wakhe kuphela kodwa kubukeka kuyindawo engasetshenziswa yizinkumbi zabantu.
Kuthintwa okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe uNyazilwezulu lwakha umuzi walo, awuhlangene nebandla.
“Ngicela amaNazaretha angalandeli izinto zeNkosi. Munye umshayeli wesitimela wuNyazilwezulu kuphela. Abantu abanake ukusonta okuyinto abayizele kwaShembe, hhayi ukungena ezintweni ezingadingi bona,” kusho uMncwabe.