UZOQHUBEKA abhadle esitokisini uMnuz Emmanuwela David, ongummangalelwa wokuqala nosolwa ngokuba ngungqondongqondo ekugqekezweni kwepulazi likaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.
Kwagqekezwa, kwebiwa limali engamadola epulazini likamengameli ngo-2020, okuthiwa yayithukuswe nakosofa bakhona. Kuthiwa uDavid uhlobene nowayesebenza eplazini naye oboshiwe wathola ibheyili.
UDavid ubefake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi eBela Bela, eLimpopo, kwase kuphuma isinqumo ngoLwesihlanu. IMantshi uPredeshni Ponnan, ithe uDavid ukhombise ukungethembeki nokukhomba ukuthi angase alibalekele icala.
“Ngokwemigomo yezomthetho yokuqulwa kwamacala obugebengu, ummangalelwa wokuqala akakwazanga ukugculisa inkantolo ukuthi kuzoba wubulungiswa ukumdedela ngebheyili. Ngakho-ke ibheyili ngeke ayithole,’’ kuphetha imantshi.
Kuvele ukuthi uDavid wake waboshelwa icala lokweqa umngcele ngokungemthetho wahlala ejele izinyanga eziyisithupha. Kuthiwa ngaphambi kokugqekeza epulazini likamengameli wayeqale wagqekeza kwelinye eliseduze nalo.
Umbuso udalule nokuthi buningi ubufakazi obuyamanisa uDavid necala. Ubufakazi bamaselula bumkhomba endaweni yesigameko ngosuku esenzeka ngalo. Kuthiwa emuva kwesigameko wayenemali eningi eyifaka ebhange enye wathenga ngayo imizi nezimoto.
Kunofakazi ongumshayeli wemoto eyaqashwa nguDavid, okuthiwa wayikhokhela ngemali engamadola.