KHETHA SANGWENI
USOLWA ngokushaya umkakhe aze aphuphunyelwe yisisu uNobhala we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza, uMnuz Siphesihle Zulu. Umthombo okhininda udaba, uthi uZulu usolwa ngokushaya umkakhe (igama ligodliwe) ecasulwa wukuthi umbhadame nentombi. Kuthiwa uZulu ushaye umkakhe emhlanganyela nentombi, waze waphuphunyelwa yisisu esinenyanga namasonto amabili esithathile.
Umthombo ozwakala ulwazi kahle udaba, uthe isigameko senzeke eMthunzini lapho okuqashe khona uZulu. Kuthiwa umgilwa ulimale kabi, wasala ethuthumela futhi wethuka izanya wesaba ukuthi angase aphinde agileke njengoba evule icala.
Umthombo uthi unkosikazi kaZulu ulimale kabi nasekhanda, okumenze waphuthuma emaphoyiseni eyobika udaba. UZulu ebuzwa ngalolu daba, ubambe ucingo wanele wahlonywa umbuzo ngodaba washaya ngamafuphi, wavala ucingo samuntu ongafuni ukukhuluma kakhulu.
“Okwamanje ngisesitolo. Ngicela ubuye ungithinte ngesinye isikhathi,’’ esho evala ucingo samuntu onengekile. Uthe uma eseshayelwa okwesibili belungasangeni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uluqinisekisile udaba lokuboshwa kukaZulu.
“Uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseMthunzini ngoMsombuluko,’’ kusho uConstable Ngcobo.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo, uthe abakwazi ukuphawula okwamanje, bazolinda umbiko ovela kubaholi besifunda.
I-ANC kumanje inomthetho omile, othi abahamba amacala balindeleke ukuthi bashenxe ezikhundleni, kuze kube ayaphothulwa amacala asuke ebekwe bona. UZulu ukhethelwe kwesikanobhala engqungqutheleni yokukhetha ubuholi besifunda ebiseStanger High, ngoDisemba wonyaka odlule.
UZulu uke waba yimeya kuMasipala waseMandeni, nakhona waphuma kukubi, abantu bembhikishela bemsola ngenkohlakalo. I-ANC yathatha isinqumo sokumhoxisa esikhundleni sobumeya ngesikhathi kunezibhelu idolobha lingabuseki.