Uzoshaya indesheni emantshini acele ibheyili owesifazane oboshelwe icala lokubulala indodakazi yakhe eyayinodume lwengozi yokushaywa ngento ethile esiphundu.
Kubikwa ukuthi isigameko senzeka KwaMashu, kwa-D ngoMsombuluko ekuseni ngesonto eledlule.
Umsolwa uNksz Ncomisile Evarista Hlophe (43) uboshwe ngoLwesine lwesonto eledlule, wavela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMsombuluko.
Namuhla ngoLwesihlanu kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngecala lokubulala uLuvuyo Tafadzwe Bera (14).
Umsolwa kuthiwa watshela amaphoyisa ukuthi ingane yakhe iphuze amaphilisi ekhanda, kanti izowela phansi isuka embhedeni eyayikade ilele kuwona, kwaba ukuthula kwayo.
Nebala amaphoyisa kuthiwa afika asithatha isidumbu kwase kuvulwa idokodo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa saKwaMashu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe lishintshiwe icala laba ngelokubulala emuva kokuhlolwa kwesidumbu.
“Umufi ubenenxeba elivulekile esiphundu kanti waqinisekiswa njengomuntu oshonele endaweni yesehlakalo. Umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu uveze ukuthi wabulawa futhi washaywa ngento ethile,” kusho uNetshiunda.
Uthe unina kamufi uboshiwe wabekwa icala lokubulala.
Ngokuthola ngomthombo weSolezwe, kwakunamachaphazelo egazi lapho abosizo oluphuthumayo abafica khona isidumbu endlini.
Kuvela nokuthi umufi nonina bebekade behlala bobabili kulo muzi osemgwaqweni uSangwana nokumenze waba ngumsolwa.
Kuthiwa umbiko kadokotela uveze nokuthi umufi ubekade enomaka okomuntu oklinyiwe.