UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uBlade Nzimande, wethule uhlelo lokufukula intsha ngamakhono ahlukene emcimbini obusesigodini sakwaNdlebezembuzi, kwaSwayimani kuleli sonto.
UNzimande uthe ukuzibophezela ekuxhaseni ukuthuthukiswa kwamakhono kuyimpendulo yesicelo esafakwa yiNkosi yakwaSwayimani, uNdumiso Gcumisa neMeya yaseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi sokuba kwakhiwe isikhungo sokuthuthukisa amakhono esizoba wuphiko loMgungundlovu TVET College.
Ekhuluma kulo mcimbi, uNzimande, uthe ukuqeqeshwa kwentsha yakwaSwayimani kudle imali engu-R30 694 700.
Uthe ubumqoka bomkhakha wezolimo kule ndawo benze ukufukulwa kwamakhono ngaphansi kohlelo lwe-AgriSETA lwaba seqhulwini.
I-AgriSETA ikhiphe isamba sikaR5000 000 ngenhloso yokuthuthukisa abafundi abawu-800 abafuna ulwazi ngokutshalwa kwemifino nokufuywa kwemfuyo.
Uhlelo lweFP&MSETA lunikele ngesamba sikaR1 830 000 ukuze kufukulwe intsha efuna ukuthuthukisa amakhono okuthunga nokwenza ifenisha.
I-MICTSETA ikhiphe isamba sikaR2 916 000 ekucijeni intsha emkhakheni wezobuchwepheshe.
I-CETA ikhiphe uR12 788 700 ekufukuleni abafuna ukwazi kabanzi ngokubekwa kwesitini, ukwakhiwa kwezimpahla zepulangwe, i-welding nogesi.
I-FOODBEV SETA inikele ngoR3 350 000 ukuze kucijwe abantu abafuna ukungena emkhakheni wokubhaka amakhekhe.
I-INSETA ixhase ngoR2 275 000 ekuqeqesheni abazifela ngomkhakha wezobuchwepheshe kanti W&R SETA yeseke ngesamba sikaR2 535 000 ukufukula abasemunxeni wezobuchwepheshe nosomabhizinisi abasafufusa.
UNzimande uthe lolu hlelo luzoqala ukwenziwa emphakathini wakwaSwayimani.
Eqhuba uthe uhlelo lokuqala luzofukula amalungu omphakathi awu-2000, ikakhulukazi intsha engasebenzi neqeqeshwa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
"Iqhaza elibanjwe ngamaSETA ethu ukuzibophezela ekulweni nokugqoza kwamathuba emisebenzi, indlala, ukungalingani nokuphucula impilo yomphakathi wakwaSwayimani."
Uthe indima ezodlalwa ngamaSETA iyizinkomba zokuzibophezela kukahulumeni ekuguquleni impilo yabantu abajwayelekile, ikakhulukazi basemakhaya.
"Sikujabulele ukubamba iqhaza emphakathini. NjengoMnyango sikholwa ukuthi sidinga ukutshala imali ezindaweni zasemakhaya ngenhloso yokwenza imali."
Lo mcimbi bewuhanjelwe ngamalungu awu-300 omphakathi, okubalwa kuwo iMeya yaseMshwathi, Inkosi uGcumisa, uMqondisi eMnyangweni weMfundo ePhakeme noQeqesho, uDkt Nkosinathi Sishi, usihlalo webhodi le-AgriSETA, uNksz Sharon Sepeng, isikhulu seNSFAS uMnuz Errol Makhubela nabanye osihlalo nezinhloko zamaSETA.
Kulo mcimbi bekukhona nombukiso wemisebenzi yamakhono.