UBUKEKA ungenisa kwezinye izifundazwe umkhankaso kaMnuz Mdumiseni Ntuli, wokuba unobhala jikelele we-ANC.
Yize igama likaNtuli lingesekwa ubuholi basesifundazweni aqhamuka kuso, iKwaZulu-Natal, imiphumela yesikhashana engaqinisekisiwe iveza ukuthi igama lakhe lihamba phambili kwezinye izifundazwe.
Kuvela ukuthi iningi lamagatsha eselibe nemihlangano yayo yokuphakamisa amagama abazongenela izikhundla aphakamise igama likaNtuli kwesikanobhala jikelele.
Igama lakhe seliphakanyiswe amagatsha ezifundazweni ezifana noGauteng, Western Cape neFree State.
UNtuli, obengunobhala we-ANC KwaZulu-Natal, usembangweni wokuba unobhala jikelele we-ANC.
Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal beseka uMnuz Phumulo Masaulle embangweni walesi sikhundla.
Abeseka uNtuli, bathe umkhankaso wakhe wamukeleka kahle emagatsheni e-ANC akwezinye izifundazwe.
Ongumgqugquzeli womkhankaso kaNtuli esifundazweni iFree State, uMnuz Sabelo Sigudu, uthe iningi lamagatsha akulesi sifundazwe abe nemihlangano ngempelasonto aphakamise igama likaNtuli.
USigudu uthe igama likaNtuli lamukelwa yiwo wonke amaqembuqembu abangayo kwi-ANC njengoba kubhekwe engqungqutheleni yangoDisemba.
Phakathi kwamaqembu abangayo kwi-ANC kukhona abeseka umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ofuna ukubuya ihlandla lesibili.
Kubuye kube khona abeseka amalungu esigungu esiphezulu, uDkt Zweli Mkhize kanye noDkt Nkosazana Dlamini Zuma, bobabili abafuna ukuphonsela uRamaphosa inselelo.
USigudu uthe zonke lezi zinhlangothi zeseka uNtuli kwesikanobhala jikelele.
“Amagatsha ahlangane ngale mpelasonto, ahlukene kwesikamengameli kodwa onke aphakamisa uNtuli kwesikanobhala jikelele. Ingakho simbona esemathubeni amaningi okuthi akhethwe ngoba wamukelwa yizo zonke izinhlaka.”
I-Free State yaziwa kakhulu ngokuba isizinda sikanobhala jikelele we-ANC osamisiwe, uMnuz Ace Magashule.
Kulesi sifundazwe kuphinde kube khona nabeseka uRamaphosa.
USigudu uthe into eyenza ukuthi uNtuli amukelwe yizo zombili izinhlangothi ukuthi usebenzisana nawo wonke umuntu.
“Akukho lapho ake akhombisa khona ukubukela phansi u-Ace. Ubonakala ekwazi ukusebenzisana nabantu bo (wayengumengameli, uJacob) Zuma kanye nabantu bakaRamaphosa. Akangeni kule nxushunxushu yokuthukwa kukaRamaphosa.”
USigudu uthe igama likaNtuli lesekwa nakwezinye izifundazwe, wathi ngisho KwaZulu-Natal akhona amagatsha aphakamisa igama likaNtuli.
“Siyakholelwa ekutheni uyesekwa KwaZulu-Natal. Lokhu sikusho ngenxa yokuthi kukhona amagatsha aphakamisa igama lakhe yize ubuholi besifundazwe bungazange buliphakamise igama lakhe.
“Ekugcineni amagatsha iwona azoba nezwi lokugcina. Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bamane bakhuluma amagatsha engakaqali ukuba nemihlangano yawo.”