EZIKHUNGWENI zemfundo ephakeme kukhona zonke izinto ezimnandi, ezingenza ukuthi udidiseke ezifundweni zakho uma ungaziqoqi.
Izitshudeni ebezenza unyaka wokuqala emanyuvesi ngo2022, zithi impilo yokuzimela kungekho mzali okugadile nothisha ozobikela umzali ukuthi ubulovile, kungakwenza ukuthi ufikelwe wukwenqena ugcine usuya ekilasini ngoba uthanda kanti lokho kuzokwenza ukuthi ufeyile.
U-Ayavuya Mbambo owenza izifundo ze-Accounting Science eWits University, ofunde u-matric eVelabahleke ngo-2021, uthe ayikho inhlobo yobumnandi engekho enyuvesi.
"Uthi usahleli uzwe kuthiwa kunephathi endaweni ethize, noma umcimbi ngaphakathi ezindaweni zokuhlala. Lowo mcimbi wenziwe ngezinye izitshudeni, ezinye zazo yilezi eziphasa kahle khona enyuvesi. Kulula ukuthi uhlale uhamba la maphathi ngoba ubona ukuthi uyakwazi ukuthi uphase kahle, uphinde waziwe ukuthi ungumuntu wobumnandi kanti kuwena akuzuba njalo, ngoba uyafika enyuvesi, kusamele ufunde ukuthi yini ekusebenzelayo," kuchaza u-Ayavuya.
FUNDA NALOLU DABA: Kuxwayiswa izitshudeni ngosomathuba emanyuvesi
Uthe abanye abafundi bafika enyuvesi behamba ngezimoto, abanye abathi bayozithenga uma sebesebenza.
“Banemali abanye abafundi, bafika begqoke beconsa, uthi uyazibheka usabe nokuhlala eduze kwabo ekilasini.”
Uthe indlela yokufunda enyuvesi idinga umuntu ozikhandlayo ngoba akekho uthisha okulandela ngemuva.
"Mina ngibe nonyaka omuhle wokuqala ngoba kunosizo oluningi olunikezwa izitshudeni ezenza unyaka wokuqala kule nyuvesi, kodwa kumele uthumele i-email, ucele ukubona i-lecturer. Akufani nasesikoleni ngoba uthisha umthola noma yinini uma umdinga," kusho yena.
UMhlengi Shange ophase u-matric ngo-A abayisikhombisa eMenzi ngo-2021, owenza, iChemical Engeering e-University of Cape Town (UCT), uthe ngesigaba sokuqala sonyaka bekufundwa nge-internet, okuyinto abeqala ukuyenza nayo ikhompyutha ubengenalo ulwazi oluningi ngayo ngoba ubengayifundi esikoleni.
"Umqondo wokuthi uyisiqengqe kumele uwukhiphe uma ufika enyuvesi. Uvule ikhasi elisha, elithi uwuGrade R wasenyuvesi, konke kumele ukufunde. Ngiphasile unyaka wami wokuqala, anginawo umlenze kodwa ukuphasa kwami akufani nokwasesikoleni lapho bengihlale ngino-A abayinqwaba ngoba kunzima la,” kusho uMhlengi.
USibusisiwe Sosibo abefunda naye eMenzi, obenza unyaka wokuqala kwi-Actuarial Science, eStellenbosch, uthe ingcindezi iba nkulu uma wenza unyaka wokuqala, futhi ugcina usuzingabaza ukuthi wuwena lo ohluleka ukuthola o-A ezifundweni zakho.
"Enyuvesi engifunda kuyo izitshudeni eziningi zikhuluma isiBhunu, kuyenzeka ne-lecturer isikhulume uma ichaza. Ngizithole sengiqala ukuzingabaza ngoba angisazi. Okusizayo wukuthi ungasabi ukuthumela i-email ucele usizo kwi-lecturer. Ungabi nandaba ngokuhlekwa. Okunye okumele ukuqaphele wukuthi isifundo ngasinye kumele usiphase ngobani, ukuze ukwazi ukwenza unyaka wesibili, i-module framework okungenani uthole lawo mamaki. Uzame ukubhalansisa izifundo zakho ngoba ngeke kukusize ukuthi kube nesifundo osiphasa kakhulu, esinye usifeyile ngoba uzoba nomlenze," kusho uSibusisiwe.