ZAKHELE XABA
UZITHWESE ijoka lokuwubhala kabusha umlando nge-Afrika umshayisibhakela othwelwe ngeqoma ukunqoba umqhudelwano weNashua Cruiserweight Super Eight, Last Man Standing osukuvuthondaba.
UZack Mwekassa (osesithombeni) odabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC) utshele Isolezwe ukuthi abantu abambona njengozodla umhlanganiso kulo mqhudelwano ohlelwe yiGolden Gloves Promotions abadukile ngoba uzowusebenzisa ukuziphendlela indlela ebheke ekubekeni izwekazi i-Afrika ebalazweni lomhlaba.
Lo mshayisibhakela oqeqeshwa nguCollin Nathan nosezinze kuleli, uzotholana phezulu noDanie Venter kowandulela owamanqamu e-Emperors Palace ngoSepthemba 22. Emzuliswaneni wokuqala wehlule uDaniel Bruwer ngoJuni 16. Isikhulu seGGP uRodney Berman siveze ukuthi ngaphandle kokuthi umshayisibhakela ozonqoba uzohlabana ngo-R250 000 kodwa uzophinde amele i-Afrika kuWBC Cruiserweight World Cup ezoba ngonyaka ozayo. Lo mqhudelwano uzovulela ozodla umhlanganiso ithuba lokulwela izicoco zeWBC ne-IBO.
“E-Afrika sinakho konke okudingekayo ukuphumelela esibhakeleni somhlaba kodwa siyehluleka ngenxa yokuzithwala. Abashayisibhakela base-Afrika bayazikhukhumeza uma benqobe isicoco emazweni abo noma esase-Afrika,” kusho uMwekassa.
UMwekassa useke wayizwa impumelelo esibhakeleni kwazise ngo-2007 wanqoba isicoco seWBF Inter-continental Cruiserweight kodwa samphunyuka engasivikelanga. Wazama ukubuya ngeseWBF Cruiserweight ngo-2008 kodwa wehlulwa ngu-Jozsef “Hangman” Nagy waseHungary.
“Emuva kokunqoba iWBF ngazithwala, ngazibona sengimkhulu kunawo wonke umuntu. Ngayeka ukujima ngaxabana nomqeqeshi wami. Sagcina sihambile isicoco sami ngalokho futhi ngiyazisola,” kusho uMwekassa obelokhu ebonga uMdali ngokuthola ithuba lesibili lokubuyela esicongweni.
Nokho lo mshayisibhakela osekuvele ukuthi amaphanta aphendukezela amaphakethe ebhejela yena uyazi ukuthi indlela yakhe iqala kuVenter owaziwa ngodalimede bezibhakela ezixegisa idolo.
“Ngebhadi ngimlindile, ngeke alibone elidlalayo. Ngimlinde ngayo yonke indlela. Emuva kwempi uzohlala phansi ecabange ngekusasa lakhe kwezamankomane ngoba uzobe eshayekile,” kusho yena.
Kwenye impi uThabiso “The Rock” Mchunu uzobhekana noFlo “The Demolition Man” Simba. Ngalo lolu suku uHekkie “Hexecutioner” Budler uzovikela isicoco sakhe se-IBO minimumweight kuFlorante “Genius” Condes wasePhillines. USipho “Tsunami” Taliwe uzovikela ibhande leWBC International kuMzonke “The Rose Of Khayelitsha” Fana.