INYUNYANA yamaphoyisa, iSouth African Policing Union (Sapu) itshele uNgongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele ukuthi uzohlangana namalungu ayo eselivini emabhishi, engcebeleka nemindeni yawo.
Lokhu kuza emva kokuthi uCele ekhiphe amagama okuthi alikho iphoyisa okufanele liye elivini ngoDisemba nonyaka kuze kube uJanuwari ngonyaka ozayo.
UCele usho la magama ngesikhathi ethula umkhankaso wamaphoyisa wokulwa nobugebengu ngesikhathi samaholide, obuseThohoyandou eLimpopo ngeledlule. UCele uthe lokhu kuzokwenziwa ukuzama ukunyusa izinga lokusebenza kwamaphoyisa nokuqinisekisa ukuphepha kwabantu ngalesi sikhathi.
Okhulumela iSapu kuzwelonke, uMnuz Lesiba Thobakgale ekhuluma esiteshini sikamabonakude esikhokhelwayo, uthe uCele akanalo ilungelo lokuthi athi akukho phoyisa elizoya elivini ngoDisemba.
“Lokho kukhombisa ukungabi nandaba namaphoyisa, akukho emthethweni futhi akuwenzi umqondo. Umsebenzi wokuqapha ubugebengu uhlale uqhubeka. Mhlawumbe la maholidi azobe engawokuqala kuye, kodwa uzohlangana namalungu ethu eseholidini, eyoshawa umoya emabhishi,” kusho uThobakgale.
Uthe amalungu abo azoze aye kuye uCele ayombingelela, amtshele ukuthi ayile elivini yize ethe akufanele aye.
Uthe amagama akhishwe uCele ayicasulile inyunyana.
“Aseneme neze ngala magama enziwe ungqongqoshe ngesikhathi ethula izinhlelo zamaphoyisa zokuphepha ngamaholide eThohoyandou, lapho ayalele khona uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke ukuthi akukho phoyisa elizoya elivini. Kufuneka sikhumbule ukuthi akusiwo amaholidi okuqala lawa siba nawo,” kusho uThobakgale.
Uyalele amalungu abo anezinhlelo zokuthatha amalivu ngoDisemba ukuthi aqhubeke awathathe. Waphinde wayalela lawo asevele azifakile izicelo zokuthatha malivi abo ngalesi sikhathi, bawathathe ngokukhululeka.
“Ngokwemigomo yokuqashwa emaphoyiseni, akukho lapho okuthiwa khona, ukuthathwa kwamalivu akuvumelekile ngoDisemba,” kusho uThobakgale.
Unxuse uCele ukuthi ashiye ingxenye yokuphatha, okukhona kuyo ukuthathwa kwamalivu, kuKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola, ngoba uye ogunyazwe ukuthi enze lowo msebenzi.
Uqhube wathi bayambona uCele ukuthi ujatshuliswa ukubona abezindaba bese egxambukela ezintweni okungafanele ngabe ungena kuzona.