USIHLALO we-ActionSA KwaZulu- Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthi kungakuhle uNdunankulu kaZulu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, ahoxise amazwi akhe esidlangaleni.
UMncwango ubize isithangami nabezindaba eThekwini, ezocacisa ngamazwi okuthiwa ashiwo nguButhelezi ngaye.
Umsindo usukela emcimbini wokuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu- Natal, eMgungundlovu, lapho okwakhuluma khona iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube - Ncube, welama iSilo ngenkulumo ngoLwesithathu kepha sasikade sikhulume ngoLwesibili. Kwakhalwa ngokuthi inkulumo kaBayede ibe mfishane kakhulu kangangokuthi abanye baze bathi umcimbi kufanele ube ngowosuku olulodwa.
UMncwango uthi uButhelezi ukhulume kabi ngaye esho okungelona iqiniso ngesikhathi esukumisa iSilo esigodlweni eMachobeni, eNgwavuma kugujwa uMkhosi wamaGanu. UMncwango uthi kuthiwa yena wathi iSilo uMisuzulu kaZwelithini akufanele sikhulume uma kuvulwa iSishayamthetho.
Kunenkulumo eqoshiwe okuthiwa kukhuluma kuyona uButhelezi ethi abasondelene noMncwango abamkhuze ngoba usekhuluma izindaba ezingaphezu kwakhe.
UMncwango ubebabaza imihlolo ethi akakaze ayisho leyo nto.
“Ngingubani mina ongathi iSilo asingabe sisakhuluma? Mina ngangiphakamisa ukuthi kungaba njani uma umcimbi ungaba wusuku olulodwa ukuze kongiwe imali. Ngimangele uma sekuthiwa ngathi iSilo asingakhulumi, uShenge kungaba kuhle axolise impela kufanele axolise esidlangaleni,’’ kusho uMncwango.
Uthe bayazana noShenge bahlala bexoxa, uma kunodaba olunjalo bekufanele amthinte ambuze bakhulume kahle. UMncwango uthe uyazi ngobukhosi ngoba uyingxenye yamabutho, uyasihlonipha iSilo nobuholi bendabuko bonke.
Uthe usehlele umhlangano nezinduna zamabutho ukuze acacise ngodaba, uma kwenzeka ebonana neSilo.
“Abantu abaningi ababengishayela ucingo babeshaqekile ngoba bayazi ukuthi ngeke ngiyisho leyo nto. Ngihlele umhlangano nezinduna zamabutho ukuze zizwe uhlangothi lwami, neSilo ngiyafisa ukubonana naso ngalolu daba,’’ kuchaza uMncwango.
Ebuzwa ngalokhu uNdunankulu kaZulu uButhelezi, uthe uMncwango akahloniphi uzama ukubukwa ngeSilo.
“Ubengekho uMhlonishwa uMncwango eMachobeni, ngakho kuyangimangaza ukuthi uMhlonishwa angaphawula ngomcimbi abekade engekho kuwona. Nakho lokhu kokuthi uMhlonishwa afune ukugqama ngeSilo akukhombisi inhlonipho,’’ kuphendula uButhelezi.