IMPUMALANGA yeDemocratic Republic of Congo enothe ngezimbiwa phansi ikhungethwe yizingxabano zeminyaka engaphezu kwengu-30, kusukela ekubulaweni kwabantu eRwanda ngo-1994.
IGoma isemngceleni weRwanda kanye nogu lwe-Lake Kivu, iyindawo ebalulekile yokuhweba nezokuthutha eseduze namadolobha anezimayini ahlinzeka ngezinsimbi nama-minerali adingeka kakhulu njengegolide, i-coltan namanye, okuyingxenye ebalulekile yamaselula namabhethri ezimoto zikagesi.
YINI IM23?
I-M23 iholwa ngamaTutsi, athi kudingeka kuhlonywe ngezikhali ukuze avikele amalungelo alabo abahlwempu.
Bathi kunezivumelwano ezathathwa ezikhathini ezedlule zokuqeda impi kodwa zangahlonishwa ngendlela, igama M23 lisukela esivumelwaneni sokuqeda udlame esasayinwa ngomhla ka-23 kuMashi 2009.
Leli qembu ladlondlobala lisanda kusungulwa ngo-2012, lakwazi ukushaqa i-Goma nokuyinto eyasusa omkhulu umsindo emhlabeni jikelele, kanti lisolwa ngokuphaka impi nokuhlukumeza amalungelo abantu. Lokhu kwayiphoqa ukuba ihoxe eGoma, nokwaba yisiqalo sezinkinga zayo iM23 ithola ingcindezelo nokuhlukunyeza amasosha ombutho waseCongo ebambisene nombutho we-UN. Yahlakazeka lapho, amasosha ayo ajoyina umbutho wezwe.
Ivuke kabusha ngo-2021, abaholi bayo beveza ukuthi izethembiso abathenjiswa zona kazigcinwanga.
ITHINTEKA KANJANI IRWANDA KULE MPI?
Phambilini, izwe elingumakhelwane iRwanda, laphika ukuthi leseka i-M23, kodwa uhulumeni waseDR Congo, i-USA neFrance bahlonze iRwanda njengeyeseka leli qembu. Ngonyaka odlule, umbiko wongoti be-UN wathi amasosha aseRwanda afinyelela ku-4 000 ayelwa ehambisana neM23.
NGOBANI ABASIZA UHULUMENI?
Ibutho elaziwa nge-Monusco lakhiwe ngamasosha angaphezu kwe-10 000, lisebenza njengeForce Intervention Brigade kuphela evunyelwe ukwenza imisebenzi ehlasela amaqembu ahlomile. Yiwo lo mbutho owasiza ukunqoba i-M23 ngo-2013. IMonusco isebenza ngokubambisana neSouthern African Development Community (Sadc), okuyinhlangano yamazwe angu-16, nayo ithumele amasosha empumalanga ye-DR Congo, kodwa yehlulekile ukumisa amavukelambuso.
INingizimu Afrika ilahlekelwe amasosha angu-13 abulewe ngesikhathi elwa namavukelambuso ezama ukuvimba ukuhlasela eGoma. Kuphinde kwabulawa amasosha amathathu aseMalawi. I-UN iveze ukuthi i-Uruguay ilahlekelwe ngelinye lamasosha ayo eliyingxenye yebutho leMonusco.
Ngemuva kwezindaba zokubulawa kwamasosha akuleli, uMengameli uCyril Ramaphosa noMengameli waseRwanda, uPaul Kagame, babe nezingxoxo esithe ngesimo saseDRC okugcine sekuvela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uKagame akaneme ngokushiwo uRamaphosa nezikhulu zikahulumeni kwabezindaba ngengxoxo yabo.
UKagame uthe uRamaphosa akwenzile wukucela kuye: “uxhaso ukuze aqinisekise ukuthi umbutho aseNingizimu Afrika unogesi owanele, ukudla namanzi, okuyinto esizosiza siyikhulume.”
UKagame uthe osekukhulunywe ngezingxoxo zakhe noRamaphosa kwabezindaba yizikhulu zaseNingizimu Afrika kanye noRamaphosa uqobo, "kunokuhlanekezela okuningi, ukuhlasela ngamabomu, ngisho namanga".
Ubukeka ecasulwe kakhulu wuhulumeni waseNingizimu Afrika othi iRwanda yeseka iM23 nokuthi iM23 neRwanda yibo abasuse impi yakamuva ngokuhlasela ithimba leSouthern African Development Community (SADC) (SAMIDRC) amasosha e-SANDF ayingxenye yawo, nakuba amanye esembuthweni we-UN ogcina ukuthula iMonusco. UKagame uphinde wacasulwa ukuthi izikhulu zaseNingizimu Afrika zichaza iSAMIDRC “njengebutho lokugcina ukuthula”.
UKagame uthe: “Okushiwo ngalezi zingxoxo kwabezindaba yizikhulu zaseNingizimu Afrika kanye noMengameli Ramaphosa uqobo kuqukethe ukuhlanekezela okuningi, ukuhlasela ngamabomu, ngisho namanga. Uma inkulumo ishintsha kangaka kusukela engxoxweni ukuya esitatimendeni somphakathi, kusho lukhulu mayelana nokuphathwa kwezindaba ezibaluleke kangaka."
Ulwazi lutholakale BBCAfrica
Silandele kuzo zonke izinkundla zokuxhumana uzithole zishisa kweliwela umfula ugcwele