OWAYENGUMVIKELI womphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, uthi ulufaka enkantolo udaba lwehhovisi ayelisebenzela eligweve nemali yakhe yomhlomulo ecela kuR10 million.
U-Adv Mkhwebane kumanje useyilungu lePhalamende le-EFF nokuyisikhundla angena kusona emuva kokukhishwa kwesoMvikeli woMphakathi. Lesi sikhundla manje siphethwe wu-Advocate Kholeka Gcaleka.
U-Adv Mkhwebane wayeqokelwe esikhundleni ngo-2016, wamiswa ngoSepthemba 2023, esolwa ngokuthi akakulungele ukuba sesikhundleni. Wahamba izithangami zePhalamende ephenywa ukuthi ufanelwe yini wumsebenzi kodwa kwatholwa ukuthi akufanele aqhubeke.
Ubelokhu ekhala ngokuthi ihhovisi liyenqaba ukumkhokhela imali yakhe ebhalwe phansi ngokwesivumelwano sokuqashwa okwakuthiwa uyoyithola uma esephuma. Ukhiphe isitatimende enkundleni yokuxhumana ethi udaba ulufaka enkantolo.
“Kuyinto ebuhlungu ukuthi ngimemezele isinqumo sokufaka iHhovisi loMvikeli woMphakathi enkantolo. Sengizame konke nabameli bami ukuze ngikhokhelwe imali yami kodwa kuthulekile,’’ kusho u-Adv Mkhwebane ngesitatimende.
Uthe okukhulu kakhulu wukuthi ihhovisi limemezele esidlangaleni ukuthi ngeke limkhokhele imali yakhe ngoba akaziphumelanga ehhovisi. Uthe lokhu akukho emthethweni futhi kuphambene noMthethosikelo wezwe.
Uthe ubona sengathi abaqashi bakhe bakudala bahluleka wukutolika umthetho ngendlela efanele.
“Kubalulekile ukuthi siqaphele ukuthi uMthethosisekelo ukhuluma ngokwephuca imihlomulo uma umengameli ekhishiwe esikhundleni. UMthethosisekelo awusho lutho ngezinhloko zezikhungo ze-Chapter 9,’’ kusho isitatimende.
Uthe akusekho okunye angakwenza ngaphande kokuthi afake udaba enkantolo bese kuba yiyona enqumayo ngodaba lwakhe. Uthe akusona isinqumo asithathe kakula lesi kodwa ufuna kube nobulungiswa. Uthe wethembe amajaji ukuthi azosingatha udaba ngaphandle kokwenzelela.
Ucele bonke labo abazwelana naye ukuthi bazibambe bahloniphe izinkantolo zenze umsebenzi wazo. Akaqali ukugqigqa izinkantolo njengoba ubephansi phezulu ngodaba lokumiswa kwakhe.
Uhambe izinkantolo ezama ukuvimba iPhalamende ukuthi liqale uhlelo lokumphenya kodwa zamchitha izinkantolo.