KHETHA SANGWENI
UZOGUJWA okokuqala uMkhosi weLembe ngaphandle kobe ngundunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi esanda kukhothama netshalwe ngempelasonto edlule oLundi. Isilo uMisuzulu kaZwelithini nohulumeni wesifundazwe bahlele uMkhosi weLembe ongoMgqibelo esikoleni iStanger High, KwaDukuza.
UMkhosi weLembe uzogujwa okokuqala ngoSeptemba 23, njengoba uvame ukugujwa ngoSeptemba 24, okuwusuku okwakhothama ngalo iSilo uShaka kaSenzangakhona. UMkhosi weLembe ugujwa ngenhloso yokukhumbula uNodumehlezi kaMenzi owabusa isizwe sikaZulu iminyaka ewu-12 phakathi kuka-1816 kuya ku-1828 okuwunyaka akhothama ngawo.
UShenge njengondunankulu kaZulu, ubevame ukuthamela imikhosi futhi abe neqhaza elibalulekile lokusukumisa iSilo uma sesizothula inkulumo yaso. Ubevame ukusukumisa iSilo ngehubo akhuleke kusona bese eyasethula ngokuthi abe nenkulumo emfishane ngaphambi kwaso.
Okunye okuvela emlandweni wukuthi uShenge waqokelwa kwesikaNdunankulu kaZulu yiSilo uCyprian Bhekuzulu Nyangayezizwe kaSolomon, ngo1954 besemcimbini woMkhosi weLembe khona KwaDukuza.
UShenge uphathe lesi sikhundla iminyaka engu-69 esebenza neSilo uBhekuzulu saze sakhothama ngoSepthemba 1968. Emuva kwalokho kwangena iSilo uZwelithini kaBhekuzulu esokhothame ngo-2021 naso esiqhubeke nokusebenza naye engundunankulu kaZulu kwaze kwangenela nakuso iSilo esibusayo manje uMisuzulu kaZwelithini.
UShenge wayethatha izintambo kade isikhundla siphethwe wuyise, inkosi Mathole kaMkhandumba Buthelezi, eyayiganwe wuMntwana uMagogo kaDinuzulu ozala uShenge. Umalndo uphinde uveze ukuthi ukhokho kaShenge uMnyamana kaNgqengelele wayewuNdunankulu weSilo uCetshwayo kaMpande.
Ukungabibikho kukaShenge eduze kweSilo kube kugujwa uumkhosi obalulekile kuqale ngesikhathi kugujwa uMkhosi woMhlanga esigodlweni eNyokeni ngosuku akhothama ngalo. Sekubhekwe iSilo uMisuzulu kaZwelithini ukuba siqoke undunankulu waso omusha ozongena ezicathulweni zikaShenge.
Kulindeleke ukuthi amabutho nezintombi nabantu jikelele bathi shaye bathamele uMkhosi weLembe ozothanyelwa nayiSilo uMisuzulu kaZwelithini. Okunye okuqaphelekayo wukuthi iSilo sizobe sigubha usuku lwaso lokuzwala ngoba sizalwe ngoSepthemba 23.