OPHAKANYISELWE esikhundleni sikamengameli we-ANC, uDkt Zweli Mkhize, uthi uma kungase kuqiniswe ekufukuleni umnotho emalokishini nasemakhaya, kungaxazululeka nenkinga yamathuba omsebenzi.
UMkhize usho kanje ngoLwesihlanu ngesikhathi eqhubeka nomkhankaso wakhe eShadows, eClermont.Kwenzeka lokhu nje uKhongolose ulungisela ingqungquthela yokukhetha ubuholi, ezoba ngenyanga ezayo kanti imikhankaso yezikhundla idla lubi.
I-ANC isanda kumemezela ukuthi uMkhize noMengameli Ramaphosa, yibona abathole amavoti anele okubaphakamisa ukuthi bangenele umbango wesikhundla sikamengameli. UMkhize uthe ubona sengathi ukhona umnotho olele emalokishini nasemakhaya, kodwa udinga ukuvukuzwa.
“Kuyafuneka ukuvuselelwa komnotho emalokishini nasemakhaya, kufanele kube namathuba omsebenzi ahlomulise wonke umuntu. Kufanele osomabhizinisi abancane besekwe futhi bakhokhelwe kahle imali yabo ngesikhathi esifanele. Kufanele sigqugquzele ukusungulwa kwamabhizinisi abamnyama,’’ kusho uMkhize.
Uthe kungasiza ukuthi amabhizinisi aseyizikhondlakhondla afukule amancane, awanike imisebenzi ukuze aqashe abantulayo. Uthe akahambisani nokuqedwa kohlelo lweBEE olwasungulelwa ukufukula abamnyama kwezomnotho.
Umkhankaso kaMkhize ubugxile KwaZulu-Natal, lapho adabuka khona. Ngaphandle kwaseClermont, uhlangane nabaholi bezenkolo nabomdabu e-Alfred Duma Utility Hall, eMnambithi.
Usuke lapho waya eNkosi Langalibalele Hall, eMtshezi. Emkhankasweni ubehamba nePhini likaSihlalo wenhlangano esifundazweni uNksz Nomagugu Simelane.