UGQEMEKE udume lwengozi uMbuso ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, ngesikhathi ijaji linqaba ukuthi kwemukelwe inkulumo eqoshiwe njengobufakazi. UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo ,eVosloorus, eGauteng ngo2014.
Kule nyanga kuzophela iminyaka eyisishiyagalolunye kwabulawa uMeyiwa. UMbuso ulethe ufakazi oyiMantshi uNkk Vivian Cronje, othe ummangalelwa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi, wavuma icala kuyena. UNkk Cronje, uthe wamqopha uNtanzi evuma icala lokubulala uMeyiwa.
UNtanzi uke wakhonjwa wofakazi ababesendlini bethi wuyena owadubula wabulala uMeyiwa, bethi bayamkhumbula kahle. UNtanzi uyayichitha indaba yokuthi wabulala uMeyiwa futhi neyokuvuma icala uyayiphika.
Indaba yenkulumo eqoshiwe ibangwe isonto lonke ecaleni, abameli baze banqabela ijaji ukuthi liyilalele ngoba isabangwa indaba yayo.
U-Advocate Thulani Mngomezulu omele uNtanzi, ehambisana nabanye abameli bafake isicelo sokuthi inkulumo eqoshiwe ingabi yingxenye yobufakazi. Abameli bebekhala ngokuthi uNtanzi wayengazi ukuthi uyaqoshwa futhi lokho kuphazamisa amalungelo akhe.
IJaji Ratha Mokgoatlheng likhiphe isinqumo esivuna uNtanzi nabameli, kwachithwa uMbuso. IJaji lithe kusobala ukuthi amalungelo kaNtanzi awahlonishwanga.
“ Umuntu uma eboshiwe akufanele aphathwe kabi ngenhloso yokuthi avunyiswe icala. Ummangalelwa unelungelo lokuthi icala lakhe liqulwe ngobulungiswa. Ummangalelwa wesibili akatshelwanga ukuthi inkulumo iyaqoshwa nokuyinto engekho emthethweni,’’ kusho iJaji.
IJaji lithe kukhona isitatimende esabhalwa ngesikhathi okuthiwa uNtanzi wavuma ngaso icala bese kuba khona inkulumo eqoshiwe. Isinqumo sokuchitha inkulumo eqoshiwe sisodwa, asihlangene nesitatimende. Ummeli uMngomezulu upheke ngemibuzo uNkk Cronje maqondana nesitatimende ezama ukusichitha njengento engekho.
UMngomezulu uthe uNtanzi uthi akaze asayine lutho waze waphuma wahamba ngosuku okuthiwa wavuma ngalo icala. Icala liguqile kulindeleke ukuthi libuyele enkantolo ngoMsombuluko bese ummeli, u-Advocate Charles Mnisi aqale ukupheka ngemibuzo ufakazi.