UNETHEMBA owayengumengameli wezwe, uMnuz Thabo Mbeki, lokuthi kusengaxazululeka ukungaboni ngaso linye phakathi kwelakuleli neMelika.
UMbeki uthe iMelika nelakuleli amazwe anomlando omude nojulile ngakho uma kungase kuxoxwe kahle neMelika, kuzoqhamuka umkhombandlela.
"Kumele sikwamukele ukuthi iMelika ivotele uMengameli wakhona, uMnuz Donald Trump, ukuhola izwe. Ukhethwe ngokwentando yabantu ngakho uma singaxoxa kahle naleliya lizwe, singaphuma nomkhombandlela kukhona konke ukungaboni ngaso linye okukhona," kusho uMbeki.
Ukusho lokhu ekhuluma ne-SABC emuva kokwethula inkulumo emcimbini wokugujwa koSuku lwabesiFazane emhlabeni jikelele obuhlelwe yinhlangano yakhe, iThabo Mbeki Foundation, eSandton, ngempelasonto.
Uthe kunesidingo sokuthi bube buhle ubudlelwano neMelika.
Uxwayise izinhlangano zamaBhunu ngokuthi izinkinga zakuleli ziyoxazululwa ezweni, hhayi eMelika.
UMbeki usho lokhu kulandela ukunqamula uxhaso kukaTrump, losizo lwezempilo lokusiza ngezinhlelo zokulwa nobhubhane i-HIV.
UTrump muva nje, unqamule uxhaso lokusiza amazwe asathuthuka, okubalwa nelakuleli ngokulwa nenkinga yokungcoliswa komoya uma kuphehlwa amandla kagesi.
Ukwenze lokhu ngoba ekhala ngokuthi elakuleli lisebenzisa imithetho ehlukumeza amaBhunu, okuwumthetho wokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
UTrump wanxusa amaBhunu azizwa engaphephile kuleli wathi awaye kozinza eMelika.
Kuhlukane imibono ngesenzo sikaTrump sokunqamula uxhaso, abanye bathi akuhlalwe phansi kuxoxwe kanti abanye bathi akahambe ashone noxhaso lwakhe.
Abaholi bamaqembu ehlukene ePhalamende basanda kunxusa uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuthi angayi koncetheza eMelika ayoncenga uTrump ngoluthinta uxhaso ngoba elakuleli kumele lifunde ukuzimela.
Kwenzeka lokhu nje, inhlangano iFW de Klerk Foundation, izwakalise ukushaqeka ngokuthi uTrump ufuna amaBhunu ayozinza eMelika ngoba kuthiwa ayabulawa kuleli.
Le nhlangano ithe uTrump uthembele olwazini oluyinzwabethi olungelona iqiniso ngelakuleli njengoba wonke umuntu wakuleli ehlukunyezwa wubugebengu obungakhethi bala.
UMbeki ubuye wagcizelela eyengxoxo ngesimo sezwe wathi kumele uwonkewonke abe yingxenye yale ngxoxo.
Uthe abesifazane kumele bafike nombono wezinto okumele zenziwe ezweni.
"Nezifundiswa akumele zisale ngaphandle kule ngxoxo yezwe. Kumele umphakathi kube yiwona ozonikwa ithuba ngokuthi uveze imibono ngokuthi ikuphi ofuna kwenzeke ezweni. Iwona okumele ukhiphe umkhombandlela ngezinto ofuna ukuzibona zenzeka ezweni," kusho uMbeki.