IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, lithembise ukuthi sizoqhubeka nokufukula izitshudeni ezintulayo isikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).
UMashatile uveze ukuthi ngeke siguqulwe lesi sikhwama senziwe enye into njengoba inhlangano emele imikhandlu yezitshudeni emanyuvesi, iSouth African Union of Students’ (SAUS), yanxusa uhulumeni othathe izintambo ukuthi ungasiguquli lesi sikhwama sigcine sesibolekisa ngemali yokufunda njengoba manje sikwenza kokubili - sibolekisa ngemali siphinde sihlinzeke ngemifundaze kwabantulayo.
“Uhulumeni uyazazi izinselelo ezibhekene neNSFAS, ezenze izitshudeni eziningi zasala dengwane. Siyazilungisa lezi zinkinga ngoba lesi sikhwama sizoqhubeka nokufukula izitshudeni ezintulayo,” kusho uMashatile.
Uphefumule kanje ngesikhathi kugujwa usuku lwentsha ePolokwane, eLimpopo, ngempelasonto.
UMashatile usho lokhu nje kulandela ukukhathazeka ngohulumeni wobumbano ohlanganisa amaqembu ahlukene okuyi-ANC, DA, IFP, Patriotic Alliance neGood.
Ukukhathazeka kwezitshudeni kuqubuke emva kokuba iDA ingelinye lamaqembu afuna siguqulwe lesi sikhwama sibolekise ngemali kunokukhipha imifundaze.
ISAUS yaveza ukukhathazeka ngokuthi akumele sithintwe lesi sikhwama noma kuthiwa kungena ungqongqoshe welinye iqembu eMnyangweni weMfundo ePhakeme nokuQeqesha.
UMashatile uphinde waveza ukuthi uhulumeni wobumbano uzogxila ezintweni ezithinta intsha kanjalo nokwakha amathuba emisebenzi.
“Siwuhulumeni sifuna ukubona abantu abasha bengena bethi shi kwezithinta umnotho. Sifuna banqume ngempilo yabo njengoba ungeke ukhule umnotho ngaphandle kokuqasha intsha.”
Ubalule ukuthi ngaphansi kukamengameli omusha, uMnuz Cyril Ramaphosa, izinselelo ezibhekene nentsha zizoqhubeka zibe seqhulwini lwezinto uhulumeni azozisukumela.
“Kule minyaka emihlanu ezayo uhulumeni uzogxila ekuhlinzekeni intsha ngamakhono. Zizoqhubeka izinhlelo zokwakha amathuba emisebenzi,” usho kanje.
UMashatile udalule ukuthi ngeke izwe liye phambili ngaphandle kwentsha yakuleli okuyiyona eningi.
Intsha ihlala ikhalaza ngokunqaba kwamathuba emisebenzi okuyisihlava esibhekene nelakuleli.
NgokweStatistics SA, izinga lokungasebenzi kuleli limi ku-32.9% kanti elokungasebenzi kwentsha kuleli liphezulu kakhulu njengoba lingu-59.7%.