USIHLALO we-ANC ukhale ngepolitiki yobuhlanga asola ukuthi idlalwa uMkhonto weSizwe (MK) ukuwola amavoti KwaZulu-Natal.
UMnuz Gwede Mantashe uphawule kanje eMidrand, eGoli ngoLwesine emini eqeda kutheleka esikhungweni semiphumela yokhetho.
Ubekade ebuzwe intatheli yeziko lezindaba kwa-eNCA mayelana nemiphumela yokhetho yesikhashana ekhomba ukwehla kukaKhongolose eKZN kwadlondlobala i-MK eqengqeleza phambili.
“Uma umonakalo omkhulu uKwaZulu-Natal lokho kusho into ehlukile. Ukhomba ipolitiki yobuhlanga yamaZulu okungamele sizikhathaze ngayo. Lolu wuhlobo lwepolitiki olusibuyisela emuva futhi oselaphelelwa isikhathi,” kusho uMantashe.
UManatashe uthe okwenzeka eKZN akumkhathazi uma kuwukuthi kunjengoba echaza.
Nosihlalo we-Federal Council kwiDA, uNkk Helen Zille uhambe emazwini kaMantashe esola iMK ngepolitiki ehambisana nobuhlanga.
Udalule ukuthi isizwe samaZulu singesikhulu futhi esinamandla wathi imiphumela yokhetho ikhombisa ukudlondlobala kweMK eKZN, eMpumalanga nasezingxenyeni zaseGauteng.
Ukhale ngobubi balolu hlobo wepolitiki wathi abantu ababe besayibheka imigomo nezisekelo okwakhelwe kuzona iqembu bagxila ekutheni iqembu liphethwe umuntu wohlanga olufana nolwakhe.
IMK ithi ibheke phambili ukulungisa umonakalo osuwenzekile kulelizwe nesikhathi esimoshekile. Ithi okunye ehlose ukukwenza, ukutholela abantu imisebenzi ukuze babuyelwe isithunzi nobuntu babo.
Leli qembu lithi liphokophelele ukufukula osomabhizinisi abasathuthuka.