UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthi amaqembu aphikisayo kofanele akhohlwe ukuthi ayoke akhiphe i-ANC emandleni uma ehlulwe ukuguqisa le nhlangano ebusayo okhethweni oluzayo.
UMalema uthe ukhetho lwangenyanga ezayo luyithuba lokugcina emaqenjini aphikisayo ukukhipha i-ANC emandleni.
Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo nabezindaba, lapho ebekhuluma khona ngezithinta ukhetho.
I-ANC izokuya okhethweni lwangoMeyi 29 kunemibiko eminingi yezinhlangano ezenza ucwaningo ethi izohlulwa okhethweni.
UMalema uthe ukhetho oluzayo luzofika ngesikhathi esibi kwi-ANC.
“I-ANC ayikho esimweni esihle, izinto ziyababhedela. Uma bephunyule kulokhu, angeke siphinde sibabambe. Leli yithuba elihle lokuthi sikhiphe i-ANC emandleni.
“Ngo-1994 sasizitshela ukuthi senza into elungile ngesikhathi sivotela i-ANC. Lolu khetho lusinikeza ithuba lokulungisa amaphutha ethu, ” kusho uMalema.
Uthe ukungenzi kahle kwe-ANC okhethweni kungaholela ekutheni le nhlangano ixoshe uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa.
“Into nje engatakula uRamaphosa ukuthi bathole isibalo samavoti esifanayo nalesi abasithola ngokhetho olwedlule, noma bathole amavoti angcono.
“Uma bengase bethole amavoti amancane, abantu be-ANC bazofuna ukuthi inhlangano iholwe omunye umuntu.
“I-ANC ihlose ukuthola amavoti angu-11 million noma ngaphezulu okhethweni oluzayo. Uma beke bathola amavoti angaphansi kuka-11 million, uRamaphosa uzokuba senkingeni.
“Kwi-ANC bazoqala bazibuze ukuthi kungani kuzofanele aqhubeke nokuba umengameli ekubeni iqembu lingenzi kahle,”esho
UMalema uthe uRamaphosa uzokuba nezinkinga eziningi njengoba ethe nabo basambekele umkhusu.
Uthe basafuna ukuthi uRamaphosa aphendule ngokugqekezwa kwepulazi lakhe iPhala phala.
“Lolu daba lusazoqhubeka nokuba iphela endlebeni kuRamaphosa.
“Phela kunecala elavulwa lapha. Silinde nje ukuthi banqabe ukumshushisa, sobe sesizishushisela yena. Angeke siphumule lolu daba lungakaxazululeki,” kuqhuba uMalema.
Uqhubeke ngokuthi bavule izandla kuwo wonke amaqembu ezepolitiki afuna ukubambisana nabo emva kokhetho.
Ubeke kanje:“Kunamaqembu anemigomo ecishe ifane neyethu, i-ATM, Azapo, MK ne-ANC. Empeleni sake saba nesivumelwano ne-ANC sokuthi sizothatha umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, kodwa babuye bangenwa amanzi emadolweni.”
Uphinde wagxeka isinqumo senhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), sokuphonsela inselelo isinqumo esivumela owayengumengameli uJacob Zuma sokuthi angenele ukhetho.
UMalema uthe i-IEC ikhombisa ukuba nenkinga noZuma.
“Empeleni lento ye-IEC inikeza uZuma ithuba lokuqhuba umkhankaso wakhe. Ngaphandle kwezinkantolo kugcwala abantu beMK, uZuma afike akhankase,” kuphetha uMalema.