ULIMELE umshayeli wemoto ephonseke emgodini ophakathi emgwaqweni, ongavaliwe e-Albertville, eGoli.
UNgqongqoshe wezokuThutha neNqalasizinda yemiGwaqo eGauteng, uJacob Mamabolo, ufisele umshayeli ukululama ngokushesha wachaza ukuthi umgodi ushiywe ngabasebenzi bakaMasipala, waseGoli.
“Angiqinisekise ukuthi umgwaqo okukhulunywa ngawo edolobheni laseGoli, ngokwemibiko esiyitholile izolo ntambama, ubusetshenziselwa ukulungisa amanzi. Umgodi bawushiye uvulekile isikhathi eside, nokuyinto ebeka abasebenzisi bomgwaqo engcupheni yokuba sengozini,” kusho uMamabolo etshela abezindaba.
“Ngesikhathi sizwa ngengozi ebusuku, sithumele ithimba lethu ukuba liphuthume liyohlola isimo ekuseni, sizokwazi ukuthi yini esingayenza,” kuqhubeka yena.
UMamabolo uthe ithimba lakhe lixhumane nabeJohannesburg Roads Agency, libacela ukuba bafike endaweni yesigameko bazochaza ngokwenzekayo.
Uthi babatholile kodwa nabo baveza ukuthi basaxhumana nabe-Joburg Water. “Zombili lezi zinhlaka zizosebenza ndawonye ukuqinisekisa ukuthi lesi simo silungiseka ngokuphazima kweso, kungakenzeki enye ingozi,” kuchaza uMamabolo.