UGQUGQUZELE ukuthi kuqhutshekwe nombhidlango wokulwa nobugebengu bobulili uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke, uMnuz Ronald Lamola.
UGQUGQUZELE ukuthi kuqhutshekwe nombhidlango wokulwa nobugebengu bobulili uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke, uMnuz Ronald Lamola.
ULamola ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphandle komuzi wakwaGardee eMpumalanga, namuhla ntambama.
Ubeyobhonga emswaneni kulandela ukubulawa ngesihluku kwendodakazi kalowo owayengunobhala jikelele we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnuz Godrich Gardee.
Isidumbu sikaNksz Hillary Gardee (28), sitholwe silahliwe eMbombela, eMpumalanga ngoLwesibili.
Bese kuphele izinsuku ezine uNksz Gardee efunwa emva kokunyamalala kwakhe ngoLwesihlanu olwedlule.
Ubegcine ukubonakala esezitolo zaseSpar eMbombela, ngabo-5 ntambama. Ngaleso sikhathi kuthiwa ubehamba nengane yentombazane eneminyaka emithathu abeyikhulisa njengeyakhe.
Le ntombazanyane yatholwa ingenamyocu, izihambela komunye wemigwaqo endaweni yaKamagugu, lapho obekuhlala khona umufi.
ULamola uthe: “Izwe lonke kufanele lingayiyeki imizamo yokulwa nodlame langokobulili. Lokhu kufanele likwenze kungakhathalekile ukuthi ubani ogiliwe.”
UMnuz Sinawo Thambo, okhulumela i-Economic Freedom Fighters (EFF), oqokwe wumndeni wakwaGardee ukuba awukhulumele, elandisa abezindaba ngolwazi olusha, uthe bekungakabi bikho muntu oboshwayo amaphoyisa.
Lokhu kulandela ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke ekhiphe umyalelo wokuthi akungapheli amahora angu-72 engakaboshwa umsolwa.
Ngaphambi kwalokho, uThambo ushiye angalazi emaphoyiseni ngesikhathi etshela abezindaba ukuthi amaphoyisa aphuthwe yingxenye ebalulekile yobufakazi endaweni yesigameko, lapho kutholwe khona isidumbu sikaNksz Hillary Gardee.
Amaphoyisa ngoLwesithathu aqinisekise ukuthi isidumbu sikaNksz Gardee besinenxeba lokudutshulwa kwesingenhla.
Lokhu kuza emva kokuthi eveze kuphela ngoLwesibili ukuthi isidumbu sikaNksz Gardee sitholwe nemihuzuko kuphela.
UThambo uthe ngesikhathi amaphoyisa eveza lolu lwazi, bese sedlule isikhathi sokuthi enze lokho.
“Ukutholakala kwenhlamvu indaba endala. Akusenasisindo ukuthi alokhu ekuveza. Ngalokho sithi asisenalo ithemba ngendlela yawo yokusebenza. Uma ehlulwe ukubona ubufakazi obubaluleke kangaka endaweni yesigameko, leyo ndawo yesigameko ayisenamsebenzi kangako kithi,” kusho uThambo.
Uthe bazothula babheke ukuthi yini enye aqhamuka nayo amaphoyisa ukuzithethelela ngephutha alenzile.
“Sithemba ukuthi azokwazi ukubamba ababulali ngesikhathi alindeleke ukuthi ababambe ngaso ukuze umndeni uzokwazi ukuthobeka amanxeba, athole nolwazi ukuthi kungani othandiweyo wawo ebulewe,” kusho uThambo.
UNksz Gardee wazalelwa eNigeria, ngo-1994. Ubulawa nje, ubematasa nezifundo zakhe ze-Information Technology eNyuvesi yaseNingizimu Afrika. Ubephinde abe nebhizinisi lakhe eceleni.