UKWANDA kwesibalo samaqembu asePhalamende sekuqubule isikhalo ngokushoda kwezindawo zokubambela imihlangano emaqenjini ezepolitiki.
Sinyuke sisuka ku-14 isibalo samaqembu abesePhalamende ehlandleni eledlule safinyelela ku-18 ngemuva kokhetho obelungoMeyi nonyaka.
Lokhu kwenze kwanyuswa nesibalo samalungu azoba sekomitini ePhalamende.
Emhlanganweni wekomiti elakha uhlelo lwePhalamende eliholwa nguSomlomo uNkk Thoko Didiza muva nje, amaqembu afune incazelo egcwele ngokuthi lukuphi uhlelo lokulungiswa kabusha kwePhalamende, njengoba ishoda indawo yokubambela imihlangano yamakhokhasi yamaqembu.
Kuzokhumbuleka ukuthi ingxenye yePhalamende yashiswa ngoJanuwari 2022, kanti seluqalile uhlelo lokubhidliza ingxenye eyacekeleka phansi ukuze yakhiwe kabusha.
UNksz Pemmy Majodina we-ANC, ukhale ngokushoda kwezindawo zokubambela imihlangano yekhokhasi ye-ANC.
Uthe sekuphele iminyaka bekhokhela izindawo zokubamba le mihlangano njengoba indawo abebebambela kuyo imihlangano ePhalamende yasha.
“Kumele ibhekelwe indaba yezindawo zokuhlanganyela kwamakhokhasi ngoba izindawo ziyashoda. Kumele sithole ukuthi selukuphi uhlelo lokulungiswa kwePhalamende.”
UNksz Hlengiwe Mkhaliphi we-EFF, uthe kade babenxusa ukuthi banikwe uhlelo olugcwele lwePhalamende ngezindawo zokubambela imihlangano.
Uthe amanye amakomiti abebambela imihlangano emahhotela okudla iPhalamende enye imali.
“Siyaludinga ulwazi olugcwele mayelana neyezindawo zokubambela imihlangano njengoba iPhalamende lasha.”
UMnuz Cedrick Frolick oke waba ngusihlalo ePhalamende, uthe nakwamanye amaPhalamende uma kushoda indawo amalungu ayama.
“Akuyona into engajwayelekile ukuthi uma indawo incane uthole amanye amalungu emile. Kwamanye amaPhalamende emhlabeni ufica amalungu eme ngemuva. Isisombululo okwamanje njengoba sisenale nkinga ngukuthi uma kuzoba nemihlangano kunikezwe amaqembu isibalo samalungu okumele azothamela lowo mhlangano. Uma abanye befika kugcwele sebeyoma. Amanye amaqembu amancane ngeke abe nesibalo esanele samalungu azothamela yonke imihlangano,” kusho uFrolick.
UNkk Didiza, uthe udaba lwezindawo zokubambela imihlangano luyaphuthuma.
“Kuyadingeka ukuthi sithole umbiko ngokushesha ngokuthi selukuphi uhlelo lokulungiswa kwePhalamende.”
IPhalamende kulindeleke ukuthi liphothulwe ukulungiswa ngo-2026.
Kwenzeka lokhu nje sizonyuka isibalo samalungu azoba semakomitini sifinyelele ku-15 ekubeni ePhalamende eledlule amalungu abengu-11.
Lokhu kwenziwe ukwanda kwesibalo samaqembu.
I-ANC iyona ezoba namalungu amaningi ekomiti njengoba ezoba mahlanu, ilandelwe yi-DA ngamathathu, Umkhonto weSizwe azoba mabili bese kuthi i-EFF ibe nelilodwa.
Amanye amaqembu amancane azonquma ukuthi azohlukaniselana kanjani izihlalo ezine ezisele ekomitini.
Amaqembu amancane okudingeka anqume ukuthi azosebenzisana kanjani yi-IFP, Patriotic Alliance, ActionSA, Freedom Front Plus, Azanian Christian Democratic Party, UDM, Rise Mzansi, Build One SA, Al Jama-ah, African Transformation Movement, National Coloured Congress, PAC ne-United Africans Transformation.