UMSAKAZI woKhozi FM uKhetha ‘KSG’ Gwala uthe ukholwa wukuthi ukwanda kwama-podcast asephenduke undabamlonyeni kwi-YouTube, kuzophaphamisa imisakazo ngokuyiphonsela inselelo yokuthi ingasaleli emuva endleleni okwenziwa ngayo izinto manje.
U-KSG ophinde abe sethimbeni elididiyela umculo kuKhozi FM exoxa neSolezwe, uthe ama-podcast ayinselelo enhle kakhulu emisakazweni ngoba azophoqa abemisakazo ukuthi baqhamuke namasu amasha okudoba abalaleli.
“Kule ndima yezokusakaza akumele wenze izinto ngendlela eyodwa, ngakho abemisakazo kufanele baphaphame, bazame izindlela zokwenza abalaleli baqhubeke nokuthakasela ukulalela umsakazo.
“Abakopele indlela yokwenza yesimanje, nabo baqale ama-podcast emisakazo yabo njengoba nathi senzile ngoKhozi TV, baqhubeke nokuthuthukisa imisakazo bese bengakholwa wukubeka umlaleli phambili ngaso sonke isikhathi,” kucebisa uKSG.
I-Podcast and Chill with MacG, The Hustlers Corner SA, The Penuel Show, Nkululeko n’ Cultr, POV with Gigi Lamayne ne-Unpopular Opinion ngamanye ama-podcast akuleli ahamba phambili kwi-YouTube.