IHLEZI lubhojozi imenenja kaMasipala waKwaNongoma ebambile, uMnuz Mpumelelo Mnguni, esongelwa ngokubulawa uma ingashiyi esikhundleni.
UMnguni, owathunyelwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ukuba ayobamba lesi sikhundla emva kokuthi umnyango uchithe ukuqokwa kwemenenja yalo mkhandlu, ufonelwa abantu abasabisa ngokumenza isilo sengubo.
UMnguni wathunyelwa kulo mkhandlu ngasekupheleni konyaka odlule emva kokuthi umnyango uchithe ukuqokwa kukaMntwana uNhlakanipho Zulu, njengemenenja yomkhandlu.
Kuke kwaba nomdonsiswano omude ngesikhundla semenenja kamasipala.
Umasipala wazama ukuphikelela nokuqoka uZulu, nokwaholela ekutheni umnyango ufake icala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Inkantolo yavumelana nomnyango, yachitha ukuqashwa kukaZulu.
Umdonsiswano waqhubeka nangemva kwesinqumo senkantolo.
Abaqaphi bakaMnguni nabakaZulu bake bahlubana ngequpha emahhovisi omkhandlu kubangwa indawo yokusebenzela.
Isolezwe lithole ukuthi uMnguni ufonelwe umuntu amaziyo, wasabisa ngokumenza isilo sengubo uma engashiyi esikhundleni.
Lo muntu kuthiwa wamshayela ucingo ngoMsombuluko.
UMnguni usiqinisekisile isigameko sangoMsombuluko.
"Ungitshele ukuthi uyinsizwa yena, wathi uyazi ukuthi yini eyenziwa izinsizwa. Uthe usengibekezelele kwanele. Uthe uzongikhombisa ukuthi ungubani."
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphenya icala lokusabisa.
"Ngokusho kukaMnguni, umsolwa, abazana naye, wasabisa ngokumlimaza uma engafuni ukushiya isikhundla semenenja kamasipala."
Isolezwe lithole ukuthi ngoLwesibili uMnguni wafonelwa omunye umuntu angamazi, naye wasabisa ngokumenza isilo sengubo uma engashiyi esikhundleni.
Lo muntu kuthiwa ugibele uMnguni ngenhlamba, wathi kade ayemfuna.
Lo muntu kuthiwa utshele uMnguni ukuthi uyamazi ukuthi uhamba ngahlobo luni lwemoto, nokuthi ugadwa obani.
Emva kwalesi sigameko kwabonakala amaphoyisa esegcwele emahhovisi kaMasipala waKwaNongoma.
UMnguni uthe uyaqhubeka nomsebenzi wakhe, wathi akazigqizi qakala izinsongo.
"Angijwayele ukusabiseka kalula. Angiyena umuntu osheshe athuke. Yebo khona zikhona izinsongo kodwa ngeke zingivimbe ukuthi ngenze umsebenzi wami. Njengamanje ngisemsebenzini, ngiyaqhubeka nokwenza umsebenzi wami."
UMnguni uthe kuningi okumehlele kusukela angena kulesi sikhundla.
"Kuningi nje okwenzekile, kokunye bengizithola ngingenayo indawo yokusebenzela.Ngelinye ilanga ngake ngafika ehhovisi kushunqiswa izinyamazane."
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelelwe.
UMasipala waKwaNongoma uphethwe ngokubambisana i-NFP, ANC ne-EFF, ubuholi be-IFP obabukade buqokwe emva kokhetho lwango-2021, bakhishwa ngevoti lokungabethembi.