INHLANGANO, iHealth Professions Council of South Africa (HPCSA) ikhala ngomonakalo odalwa wukucishwa kukagesi okuthiwa kulimaza ezempilo ezikhungweni zempilo ezweni lonke.
Lokhu kuvezwe nguSolwazi Simon Nemutandani ongumengameli wale nhlangano. Uthe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kunezela izinkinga kwezempilo ezivele zinezinkinga eziningi vele.
Uthe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kuthikameza ukunakekelwa kweziguli ezikhungweni zempilo.
“Abasebenzi bezempilo ezibhedlela kabakwazi ukwenza imisebenzi, ukuhlinzwa kweziguli okusuke kuphuthuma ngenxa yale nkinga. Lokhu kubeka impilo yeziguli engcupheni,” kusho uNemutandani.
Uthe izikhungo zempilo zibuye zisetshenziswe yizitshudeni ezenza uhlelo lwazo lokuqeqeshwa, ukucishwa kukagesi kuyazithikameza nazo.
“Abantu abalinganiselwa ku-80% eNingizimu Afrika bathembele ezikhungweni zikahulumeni zempilo. Ukucishwa kukagesi nokungabi bikho kwendlela yokubhekana nalesi simo kubukeka kuza nezinkinga kwezempilo, okuholela ezingqinambeni ezinemiphumela engemihle,” kusho yena. Uveze ukuthi kunezibhedlela zikahulumeni ezilinganiselwa ku-420 nemitholampilo elinganiselwa ku-3000 ezweni lonke.
Uthe yize izibhedlela ezizimele, nezaziwa ngokuthi ngama-secondary nama-tertiary (zikahulumeni) zona zinazo izinsiza zokuphehla ugesi.
“Ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, kulimaza nalezo ziguli ezithembele emishinini ukuze ziphefumule,”kusho uNemutandani, owengeze ngelithi kwayona imishini abasebenza ngayo iyalimala uma ibhekana nokuthikamezeka kokusebenza njalo uma kuhamba ugesi.
Uveze ukuthi izibhedlela nemitholampilo eminye, kayinawo ama-generator. Lokho kuholela ekutheni sihlale ebumnyameni njalo uma kuhamba ugesi.
“SiyiHPCSA sinxusa ukuthi zonke izibhedlela, imitholampilo nezinye izikhungo zempilo zikhishwe ngaphansi kohlelo lokucishwa kukagesi. Siyakholelwa ekutheni lokhu kuzolekelela kakhulu ekutheni ukunikezelwa kosizo emphakathini kungathikamezeki,” kusho yena.