UKHUZE ibuya esiShayamthetho saKwaZulu-Natal njengelungu elisha owayenguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Mthandeni Dlungwane.
UDlungwane wethulwe njengelungu izolo ngesikhathi kunomhlangano wesiShayamthetho emuva kokufungiswa ngo-Agasti 2, ngenyanga edlule.
UMnuz Themba Mthembu iphini likaSomlomo limemezele ukuthi kunelungu ‘elisha’ okumele lamukelwe kule ndlu.
Ube esethi alilisha leli lungu njengoba phambilini laliyilungu lesiShayamthetho.
“Siyakwamukela lungu ‘’elisha lesiShayamthetho Mnuz Mthandeni E Dlungwane, ongene esikhundleni selungu uMnuz Jomo Sibiya, owaqokelwa ekubeni umeluleki kaMengameli Cyril Ramaphosa,” kusho uMthembu.
UDlungwane uqokelwe ukuba ngusihlalo wekomiti lezokuHlaliswa kwaBantu esiShayamthetho.
Wasula esiShayamthetho ngo-2019 emuva kokungakhethwa ngowayengundunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, kwiKhabhinethi yakhe owakhetha uMnuz Kwazi Mshengu kwezemfundo.
Uke waba ngusihlalo we-ANC esifundeni iMoses Mabhida.
Wayengumholi we-ANC Youth League esifundazweni ngo-2010.
Kwenzeka lokhu nje muva nje wapikwa ukuba yingxeye yesigungu esiphezulu se-ANC esifundazweni njengoba engakhethwanga ukuthi abe yingxenye yalawa malungu engqungqutheleni yesifundazwe. Ungumxhumanisi wamalungu esigungu esiphezulu kwi-ANC esifundazweni ajutshwe esifundeni eThekwini.
Kwezemfundo wayaziwa ngokumisa othisha nezikhulu ayebona ukuthi abahambisi ngendlela efanele.
Ziningi izikhulu ezagcina zikhonjwe indlela ayezimisile ngoba ziphenywa.
UMthembu umemezele nokushiya kwelungu le-DA uMnuz Hlanganani Gumbi.
Uthe ihhovisi likaSomlomo lithole ngokusemthethweni incwadi yokusula kukaGumbi.
“UGumbi uzogcina ukuba yilungu lesiShayamthetho ngoSepthemba 18, nonyaka,” kusho uMthembu.
UGumbi uke waba nayilungu lePhalamende likazwelonke kodwa wabuyela esifundazweni.
KuFacebook wakhe ubhale ukuthi uyoqhuba izifundo zakhe kanti abangani bakhe bebemhalalisela.