UMSUNGULI weMK olwa nokuxoshwa kwakhe kule nhlangano, uMnuz Jabulani Khumalo, uvunwa umthetho ukuba amele le nhlangano emhlanganweni wasePhalamende ozoqoka umengameli nosomlomo.
Lokhu kungenxa yokuthi amaqembu awakwazi ukushintsha uhlu lwamagama awathumela enhlanganweni eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC).
Igama likaKhumalo lilandela elomholi wale nhlangano okwanqunywa ukuthi akakulungele ukuba yilungu lePhalamende, uMnuz Jacob Zuma.
UKhumalo waxoshwa kwiMK ngenyanga eyedlule, ngoMsombuluko bekulalelwe icala lapho khona ephonsela inselelo ukuxoshwa kwakhe.
Ukuxoshwa kukaKhumalo kudale imibuzo yokuthi ngabe uzokwazi yini ukuqhubeka ayomela iMK emhlanganweni wasePhalamende.
Okhulumela i-IEC KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Ngwira, uthe umthetho awuvumi ukuthi amaqembu enze izinguquko manje ohlwini lwamalungu azowamela.
“Bangakwazi kuphela ukushintsha uhlu emva komhlangano wokuqala wasePhalamende. Njengamanje amaqembu awakwazi ukushintsha.”
UNgwira uthe noma benganqaba ukufungiswa labo abavela ohlwini, amaqembu angeke akwazi ukufaka abanye abantu.
IMK inezihlalo ezingu-58 ePhalamende.
UKhumalo akusiye yedwa ovela ohlwini lweMK lwasePhalamende osexoshiwe eqenjini.
Ophezulu ohlwini lwayo lwasesiShayamthetho, uMnuz Nhlanhla Ngidi, wadilizwa ekubeni umdidiyeli weMK KwaZulu-Natal.
Ngesikhathi edilizwa iqembu lathi ukuxoshwa kwakhe kungase kudale izinguquko ohlwini lwasesiShayamthetho.
IMK inezihlalo ezingu-37 esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Imizamo yokuthola uKhumalo nokhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ayizange iphumelele njengoba izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.
IMK isike yakusho ngaphambilini ukuthi uhlu lwayo lwasePhalamende lusazoshintsha.
Ngeledlule uNobhala-Jikelele weMK, uMnuz Sihle Ngubane, wathi asikho isiqiniseko sokuthi bonke laba bantu abasohlwini bazokuya ePhalamende.
Ekhuluma esikhungweni semiphumela, uNgubane wathi basengashintsha ngisho ukukleliswa kwamalungu avela ohlwini lweMK.
Elinye iqembu eliveze ukuthi lisazokwenza izinguquko ohlwini lwayo yi-EFF.
I-EFF yehlile okhethweni olwedlule, yathola izihlalo ezingu-39, isuka kwezingu-44.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe angeke baye ePhalamende labo abangazange bakhombise ukuzimisela ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho.
“Abakhohlwe labo abebelibele ukujuxuza ngesikhathi sikhankasela ukhetho. Abantu babelibele ukuhamba izindawo zobumnandi ngesikhathi sikhankasela ukhetho. Sizokwenza izinguquko ohlwini lwasePhalamende nolwaseziShayamthetho. Kukhona esizobatshela ukuthi bangayi ukuyofungiswa ePhalamende.”