OGAQELE isikhundla sikamengameli we-ANC uDkt Zweli Mkhize, uthe ukuhlakazwa kwezinhlaka zombutho kuwenzela phansi uKhongolose futhi kufanele kulungiswe ngokushesha. UMkhize usho kanje ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSolezwe izolo eLa Lucia, eThekwini. Ubekhuluma ngokufadabala kwe-ANC Youth League (ANCYL) , ANC Women’s League (ANCWL) ne-ANC Veterans League (ANCVL).
I-ANC ilungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ezoba seNasrec ngoDisemba nonyaka. Sekuvele kuqalile ukuphakanyiswa kwamagama zidlana imilala, kuyabangwa. UMkhize osemnkantshubomvu kwezombusazwe, ungenela umbango wesikhundla okwesibili njengoba nango-2017 wayekhona.
“Ukuhlakazwa kwamakomiti abantu abasha, omakadebona, ombutho wabesifazane, izifunda nezifundazwe, kube kuningi ngendlela engakaze siyibone kuKhongolose. Asikwejwayele impela kukhomba ubuthakathaka,’’ kusho uMkhize. Uthe lokhu kudala izinsolo zokuthi izinhlaka zisuke zihlakazwa ngoba zingahambisani nohlangothi oluthile enhlanganweni.
Uthe lezi zinhlaka akufanele zisebenze ukuqhubezela phambili ubuqembuqembu nokulwa izimpi zangaphakathi kodwa kufanele ziyekwe nje zizimele.
“ Umbutho wentsha ufana nekamelo elingaphakathi embuthweni omkhulu, kufanele siwuyeke uzimele thina sifake iziyalo lapho nalapho. Kufanele bamele uKhongolose ukuze abantu abasha bazibone benendawo embuthweni bamele isithunzi sikaKhongolose,’’ kuchaza uMkhize.
UMkhize uthe kunesidingo sokuthi i-ANC ibuyiselwe kubantu ngoba bayayithanda kodwa babona sengathi ibalahlile ngenxa yokuthi kunegebe phakathi kwabantu nabaholi bayo.
“Kufanele abaholi noma ngabe bakusiphi isigaba bakujwayele ukuxoxa nabantu basondelane nabo balalele izinkinga zabo. Abantu bayayithanda i-ANC kodwa kunenkinga yokuthi kunegebe elikhona okufanele livalwe. Kubalulekile ukuthoba phambi kwabantu bazizwe behloniphekile,’’ kuchaza yena.
Uthinte udaba olungundabamlonyeni lokuhoxa kwabaholi ezikhundleni uma besolwa ngenkohlakalo. Uthe into eyenza kube nokudideka yindlela umthetho wokuhoxa osebenza ngayo.
“Kudala ukungethembani enhlanganweni ngoba kuba sengathi kukhona abavikelwayo ngoba behamba nohlangothi oluthile bese kuba khona abazocindezelwa ngoba basohlangothini oluthile,’’ kuchaza uMkhize.