KUPHAZAMISE uSomlomo ogcine engafikanga ePhalamende ukuzokwengamela uhlelo lukaMengameli Cyril Ramaphosa lokuphendula imibuzo, ukugasela kophiko lwezokuShushisa kuleli emzini kaNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ophenywa ngezinsolo zokuthi wamukela intshontsho esanguNgqongqoshe wezokuVikela.
Iyaqonga ingcindezi yokuthi uNkk Mapisa-Nqakula ehle esikhundleni njengoba i-DA isiphakamise ukuthi akashiye emuva kokuba kugasele lo luphiko emzini wakhe oseBruma eGoli.
Okhulumela iPhalamende uMnuz Moloto Mothapo uthe lo luphiko lugasele emzini kaSomlomo luzophenya.
Uthe lokhu kugasela kumphazamisile uSomlomo njengoba engafikanga ukuzokwengamela uhlelo lukamengameli lokuphendula imibuzo.
“Ugcine ejuba iphini likasomlomo ukuthi lengamele lo luhlelo lokuphendula imibuzo. USomlomo umile ekutheni akukho akufihlile futhi nophenyo uyalweseka.”
USotswebhu we-DA uNksz Siviwe Gwarube uthe usomlomo kumele ahoxe ngenxa yokuthi ubhekene nezinsolo zenkohlakalo ebalelwa ku-R2.3 million.
“Le mali kusolwa ukuthi wayithola izikhawu komunye wosonkontileka esaphethe uMnyango wezokuVikela. Kumele ahloniphe isifungo asenza sokuthi uzoziphatha ngendlela. Sifuna ikomiti lasePhalamende liphuthumise uphenyo.”
Okhulumela uphiko lwezokuShushisa u-Advocate Mthunzi Mhaga, ukuqinisekisile ukuthi bagaselile emzini kasomlomo izolo beyophenya wathi ngeke bande kakhulu.
Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen ufune ukuthi uRamaphosa aphendule ngokuthi kumele usomlomo ahoxe njengoba ebhekene nezinsolo zenkohlakalo.
UMnuz Cedrick Frolick obengusihlalo ngesikhathi sokuphendulwa kwemibuzo, uthe umbuzo omusha ngalokho ulele kuRamaphosa ukuthi aphendule noma angaphenduli.
URamaphosa unqume ukuthi angawuphenduli lo mbuzo.
Ephendula eminye imibuzo ethinta ukuqasheka kwentsha, uRamaphosa uthe kumele yenze imikhakha edingwa umnotho wezwe.
Uthe akusizi ukuthi yenze imikhakha egcina ngokuthi ibhuquze ekhaya.
“Yingakho sinezinhlelo zokuthi iye emakolishi amakhono ukuze yenze imikhakha yamakhono. Akusizi ukuthi yenze iziqu ezogcina ihleli nazo ekhaya.”
Odabeni oluthinta izincomo zekhomishini eyayiphenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana, uthe lezi zincomo uyazilandelela. Ukuchithile ukuthi abenzi lutho ngazo.
Akulona iqiniso ukuthi asenzi lutho ngezincomo zekhomishini yejaji uZondo. Izincomo ezibalelwa ku-200 siyazisebenza, hhayi ngoba singenzi lutho ngazo,” kusho uRamaphosa.
Uveze ukuthi le khomishini yadla enkulu imali wathi kuningi okwenziwayo ukubamba abathinteka embikweni wayo.
Mayelana nezinhlelo zokulwa nobugebengu kuleli, uthe bandisa isibalo samaphoyisa ukuze kuqiniswe izinhlelo zokulwa nabo.