INHLOKO yezokuxhumana ehhovisi leNgonyama uMisuzulu kaZwelithini, uMntwana u-Afrika Ngangezwe kaXhegu, kaBasekele, kaShingana kaMpande Zulu (41), ithi uvuke kuyo umsebenzi kakhokho wayo uShingana, owayengumkhulumeli woSuthu.
Isolezwe ngeMpelasonto libe nengxoxo ekhethekile noMntwana u-Afrika wendlu yasoNkweni, ophethe ezokuxhumana ehhovisi leSilo uMisuzulu. Usamukele kahle isicelo sokuxoxa naye futhi kucacile engxoxweni ukuthi uyindoda evulelekile oyibuza umbuzo owodwa ichitheke uze uyimise.
“Umlando uveza ukuthi ukhokho wami uShingana, wayekhulumela uSuthu. Wayehola ibutho iDloko, wadingiselwa eSt Helena neSilo uDinuzulu benoMntwana uNdabuko. Ngicabanga ukuthi ekuzalweni nasekukhuleni kwami kwavele kwacaca nje ukuthi ngibekelwe izinto ezinkulu,’’ kulandisa uMntwana u-Afrika.
Uthatha izintambo kuMntwana uThulani kaGqikazi, oke wakhulumela iNdlunkulu neSilo iminyaka eminingi nangesikhathi kusaphila iSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
UMntwana u-Afrika uveze ukuthi uzalelwe esibhedlela iSt Francis, eNkonjeni, oLundi. Uthe uyise nguMntwana uXhegu, kanti unina nguMntwana uBonita Mpathoni uMaMpungose Zulu, wasebukhosini bakwaMpungose. UMntwana u-Afrika ungowesine ezinganeni eziwu-10.
Uthe ukhuliswe ngumndeni wakwaNakheni ngokwenkolo yamaRoma. Uthe ukukhuliswa abakwaNakheni kwenza ukuthi abaningi bacabange ukuthi ungowakhona. Uthe ufunde eShingana Primary, eDabulamanzi Primary, eGabangaye, naseMasibumbane High.
Uke wafunda eNyuvesi iNatal, wenza iSociology and Politics kodwa washiya phakathi esefikelwe wuthando lwezamabhizinisi. Uthe ukholwa wukuthi kuyisiphiwo sakhe ukweseka umbuso ngoba uke wabamba iqhaza elikhulu eSwatini, eluleka uMntwana uSikhanyiso Dlamini, oyindodakazi yeSilo uMswati III.
“Ngisebenze kakhulu noMntwana uSikhanyiso engakabi ngungqongqoshe esaphethe esinye isikhundla. Ngangimeluleka ngibhala izinkulumo zakhe ayeyozethula emazweni ehlukene. Ngasondelana kakhulu noNdlunkulu uMantfombi, ngihamba naye engicela ukuthi ngikhulume emcimbini,’’ kubeka uMntwana u-Afrika.
Uqhube wathi kudala asondelana neSilo esibusayo futhi bebebonana esigodlweni KwaKhangelamankengane, nangesikhathi iSilo sisanda kubuya phesheya lapho sasifunda khona. Wachaza ukuthi akawuthathi kancane umsebenzi wokuphatha ezokuxhumana zeSilo futhi unezingqinamba eziningi ezifuna umuntu onohlonze ongelona igwala.
Udaba lokusebenza kweSilo nohulumeni ophethwe amaqembu ezepolitiki uthe kufanele lucace ukuthi luhamba kanjani.
“Ngifisa ukucacisa ukuthi iSilo singaphezulu kwawo wonke amaqembu ezepolitiki, siwumlomo ongathethi manga. Sithanda bonke abantu baso. ISilo sisebenza ngokuzikhandla futhi asiyindawo esikhundleni saso. Kunozinzo embusweni kaZulu konke kuhamba kahle,’’ kuchaza uMntwana u-Afrika.
Akathandanga uMntwana u7kudalula amabhizinisi akhe. UnguSihlalo weTraditional Leaders Forum, engaphansi kweDurban Chamber. Uke waba ngumdlali wethenisi ovuthayo esakhula kanti ukhonze ukufunda amaphephandaba alandele izindaba emsakazweni nakuthelevishini.