KUGQAME nomfundi ozalwa wumsizi wasezindlini kulabo abagile izimanga eSibusisiwe Comprehensive Technical High, eMbumbulu. UKwanele Mngadi (17) waseLovu uphase izifundo zakhe zonke ngamalengiso. Uphase kahle nabanye ozakwabo abefunda nabo u-matric.
Kulesi sikole u-matric wakhona uphase wonke futhi ngezinga eliphezulu.
UNompilo Shange, Ezami Sithole, Khayalethu Mkhize, Amahle Shezi bonke baphase ngamalengiso. Bebenza izifundo ezifanayo. IMathematics, Physical Science,Life Sciences, Accounting, Geography, IsiZulu, English neLife Orientation.
UMngadi uthe ukubona unina esebenza enza itiye esikoleni kumgqugquzele kakhulu ukuthi afunde ukuze ngelinye ilanga amkhiphe kulo msebenzi.
“Kungisizile kakhulu ukuba khona kwakhe kwangiqguqgquzela ukuthi ngishintshe isimo ngelinye ilanga aphume lana. Ngibonga nothisha bonke nothishomkhulu abebeseseka ngasosonke isikhathi,’’ kusho uMngadi.
UNkk Thandi MaNzama Mngadi, uthe uphelelwa amazwi ngezimanga ezigilwe yindodana.
“ Kuhle ukuthi ngibe seduze kwakhe ngimbheke nakuba ngimethemba. Ukuhlala kwakhe ngaphakathi kubambe iqhaza kwamsiza ukuze angaphazanyiswa lutho. Ufisa ukuba wunjiniyela noma kwezamanzi nami ngiyamthandazela,’’ kusho uMaNzama ehefuzela ethukile.
UMngadi ubehlala ngaphakathi ekotishi lesikole nokuwusizo alunikwa wuthishomkhulu uMnuz Muziwakhe Duma. Uthishomkhulu uDuma uthe ubevele elindele ukuthi abafundi bakhe bazogila izimanga ngoba basebenze kanzima unyaka wonke.
UDuma nakuba efika kulesi sikole kodwa uthe wake wafundisa khona phambilini, uyazi ukuthi usiko lwakhona luhamba kanjani.
Abafundi bathe sebemi ngomumo ngokuya ezikhungweni zemfundo ephakeme ngoba babezifakile izicelo futhi zikhona izimpendulo abazitholile.