I-EFF isola uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ngokudukisa umphakathi ngodaba lokunyuswa kwentela.
I-EFF ithe uGodongwana uyishaya phambili abuye ayishaye emuva ngesiphakamiso sokunyuswa kwentela iVAT ngo-0.5%.
Ikusho lokhu ngesikhathi kulalelwe icala lapho i-EFF ne-DA befuna ukuthi kumiswe ukunyuswa kwe-VAT okufanele kuqale ngoMeyi 1.
Icala belilalelwe eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.
Ummeli we-EFF, u-Advocate Tembeka Ngcukaitobi, uthe uGodongwana usho izinto ezahlukene ngokunyuswa kwentela.
UNgcukaitobi uthe kwesinye isikhathi uGodongwana ukhuluma sengathi kungenzeka kubuye kuhoxiswe ukunyuswa kwentela, abuye futhi aziphikise athi ngeke sihoxe isiphakamiso.
UNgcukaitobi uthe ngenxa yokudukisa kukaGodongwana iqembu elingahambisani nokunyuswa kwentela, i-ActionSA, ligcine livotela ukuphasiswa kohlaka lwesabelomali oluphakamisa ukunyuswa kwentela.
Uthe lokhu i-ActionSA ikwenze ngoba nakhu inethemba lokuthi sizoshintshwa isiphakamiso sokunyuswa kwentela.
"Indlela enze ngayo uGodongwana ukhombise ukudukisa. Wazi kahle ukuthi angeke sisashintshwa isinqumo sokunyuswa kwentela kodwa uhamba enikeza abantu ithemba elingekho lokuthi kusangenzeka sishintshwe isinqumo sokunyuswa kwentela."
UNgcukaitobi uthe okukhathaza kakhulu ukuthi ikhona enye indlela okungatholakala ngayo imali eshodayo, wathi uKhomishana weSA Revenue Services, uMnuz Edward Kieswetterjm, washo ukuthi kunemali ephakathi kukaR700 billion no-R800 billion engatholakala uma kungaqiniswa imithetho.
"ISars yathola ukuthi kunezinkampani eziningi ezibalekela ukukhokhela intela nokuthi kunezimpahla ezingena ngokungemthetho kuleli ezingayikhokhi intela. Lokhu kwenzeka ngenxa yokungabi khona kwezinsiza ezanele zokulandela laba ababalekela intela. ISars ikubeke kwacaca ukuthi izoqhamuka nezinhlelo zokuqinisa uhlelo lokuqoqwa kwentela. Lokhu kusho ukuthi ikhona indlela okungaqoqwa ngayo le mali eshodayo."
Ummeli we-DA, u-Advocate Michael Bishop, uthe akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokunyusa intela.
"UGodongwana akanawo amandla okunyusa intela. IPhalamende kuphela elinamandla okunyusa intela. Akukwazi ukuthi intela inganyuswa ekubeni iPhalamende lingakaqedi ukuvotela isabelomali."
Ummeli kaGodongwana, u-Advocate Mahlaphe Sello, ukuchithile ukuthi uGodongwana wadukisa abantu ngokunyuswa kwentela.
U-Advocate Sello uthe i-EFF iphambanisa okwashiwo uGodongwana nalokho okwashiwo ngumholi we-ActionSA ePhalamende, uMnuz Athol Trollip, owathi baseseke isiphakamiso ngoba nakhu bethenjiswe ukuthi kuzohoxiswa ukunyuswa kwentela.
Uthe kwalandelwa yonke imigomo ngesikhathi kwethulwa isabelomali.
Inkantolo isigodlile isinqumo.