UBHEKE akhalelwe amasongo kaSigonyela uthisha athi ushaye ngequpha indodakazi yakhe, maqede waxolisa nge-aphula. Kulesi sigameko okuthiwa senzeke ngoLwesine, kulimale umfundi oneminyaka eyisishiyagalolunye, ofunda uGrade 4 esikoleni iSoul Primary, eJolivet.Unina kamgilwa, uNksz Sindi Dlamini, uthe ubuye esikoleni, wagqoka isigqoko, ezama ukufihla ukuvuvukala.
Uthe ubonwe yisihlobo ukuthi ulimele, wathi uma ebuzwa, waqale wakhala engafuni ukusho ukuthi kwenzekeni.
“Ngesikade, sengithetha, kube yima esho ukuthi ushaywe ngequpha uthisha amgagule ngegama, omfundisa isifundo i-English Creative Art,” kusho uNksz Dlamini.Uthe umtshele ukuthi umsolwa umshayele ukuthi ubengayidwebelile i-date waphinde waxikiza okuthile ekhasini le-exercise lesikole.
“Uthe umbuze ukuthi akadwebelile ngani, futhi uxikizeleni? Wabe emshaya ngequpha ebusweni,” usho kanje.Uthe umgilwa uvele wavuvukala ngaso leso sikhathi esiphongweni, kwavaleka nehlo, waveza nokuthi eqaphela lokhu, umsolwa umbizile umgilwa wamhlikihla, wase emkhiphela emnyango, ethi akayohlala ethoyilethi, abuye esepholile.
“Uqhube wathi akogeza ubuso ethangini lamanzi khona ezofika ekhaya esebohlile. Wamnika i-aphula ngesikhathi esegoduka,” kubeka uNksz Dlamini. Uthe ngokubona kwabo, uthisha ubexolisa ngokuthi amuphe i-aphula.
Udalule ukuthi ulusukumele phezulu lolu daba, waya komunye uthisha, omkhaphe baya emqashweni kamsolwa.
“Sithe sifika kwavele kwacaca ukuthi uyenzile le nto ngoba uvele wangincisha amehlo. Ngithe sengimbuza ukuthi uyilimazeleni ingane yami, wathi uxolisile kuyona,” kusho yena.Uthe umvulele icala ngoba ufuna aboshwe.“Akakufanele ukufundisa izingane zethu umuntu oziphatha ngale ndlela. Indodakazi yami ihlukumezekile, isithula ngokweqile, ebusuku ayisalali, izingane ziyihlekile esikoleni ngosuku lwesigameko,” kusho uNksz Dlamini.
Uthe emva kokufaka ezinkundleni zokuxhumana ngesigameko, kuqhamuke abanye abazali abathe nezabo izingane sezike zashaywa kanzima umsolwa, kwaphinde kwaqhamuka nabanye othisha abaveze ukuthi unenkinga yokuba nolaka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseHighflats aphenya icala lokushaya kulandela isigameko sokushaywa kwentombazane (9) umsolwa owaziwayo ngoLwesine, eJolivet.
UMnyango wezeMfundo esifundazweni ubukhiphe isitatimende kwabezindaba ngeSonto, uthi udaba uyaluphenya futhi umsolwa uzothathelwa izinyathelo ezinqala uma etholwa enecala ngesigameko.