UFUNA ubulungiswa oyinhloko yezindaba kwiVuma FM, uNkk Nokubonga Dlamini, kulandela ukulinyazwa wunogada wase-Empire Cafe eDavenport, ngoLwesihlanu olwedlule.
UNkk Dlamini uthe ufuna umthetho udlale indima yawo kowesilisa omshaye ngezimpama, emlimaza ebusweni, waphinde wamgingqa ezitebhisini zale ndawo, wayoshayeka onqenqemeni lomgwaqo.
Ubuye wathi ufuna nomnikazi wendawo ambuyisele imali ayisebenzise elungisa iselula yakhe elimale ngesikhathi ehlaselwa kanjalo nezindleko zikadokotela. Ngosuku lwesigameko, uNkk Dlamini uthe ubesalinde i-bill ngesikhathi ehlaselwa.
Uthe ngesikhathi elindile, kufike owesilisa obhemayo wazohlala eduze kwakhe, nokuholele ekutheni asukume ayoma kwenye indawo ebalekela intuthu kagwayi.
Uthe lapho asukume wayoma khona, bekuhleli abesifazane ababili abakhangisa utshwala obuthize, ababuye basuka emva kwesikhashana.
“Ngisale ngahlala ngoba bese ngikhathele ukuma. Emva kwesikhashana ubuyile oyedwa wabo, wafike wangitshela ngolaka ukuthi angisuke endaweni yakhe,” kusho uNkk Dlamini.
“Ngimchazele ukuthi asikho isidingo sokuhafa, ngiyazi ukuthi uye obehleli, bengivele ngizosuka uma esebuya.”
Uthi lona wesifazane akalibonanga iphutha, waqhubeka nokudelela ngaphambi kokuba anyamalale.
“Ubuye esehamba ne-bouncer elifike langithinta ngendlela engamukelekile kwazise ngingumuntu wesifazane,” kusho yena.
Uthe lithe lisuka lamyabula laphuma naye ngaphandle, lamshaya ngenqwaba yezimpama ngaphambi kokuba limdudule, wagingqika ezitebhisini waze wayosacazeka onqenqemeni lomgwaqo.
“Ngilimalile kwaphoqa ukuthi ngihambe udokotela,” kusho uNkk Dlamini.
Uveze nokuthi kulimale iselula yakhe aseyilungise ngemali eyevile kuR5 000, wathi ufuna umnikazi wendawo ayibuyise imali ayisebenzisile.
Umnikazi wendawe, uMnuz Simo Shange, uthe yize izinto zigcine sezenzeka ngendlela ezenzeke ngayo, noNkk Dlamini naye ubonakala kwi-video ewalwisa amantombazane.
Walile ukuthumela Isolezwe i-video, wathi ugwema ukuthi izosabalala, kungcono uma liza enadweni yakhe lizoyibukela khona endaweni yakhe.
“Uhlasele amantombazane, waba nodlame ewashaya ngamabhodlela,” kusho uShange.
Uthe unabo abaqaphi besifazane kodwa bebengekho eduze ngesikhathi kwenzeka isigameko.
“Yikho egcine esebanjwa umuntu wesilisa ngoba bekumele aphucwe ibhodlela.
“Kodwa ngoba sekunecala elivuliwe, ngizolinda umthetho udlale indima yawo,” kusho yena.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngalolu daba.