UZOTHATHA elinye igxathu umkhankaso kaDkt Zweli Mkhize wokuhola i-ANC njengoba kulindeleke ukuthi ufudukele kwezinye izifundazwe kuleli sonto.
UMkhize, ogaqele isikhundla sokuhola i-ANC, kulindeleke ukuthi ahambele izifundazwe iGauteng, Free State ne-Eastern Cape. Kusukela aqala umkhankaso wakhe, uMkhize ubegxile KwaZulu-Natal lapho ekhulume namalungu e-ANC ezifundeni ezahlukene zakulesi sifundazwe. Kusasa kulindeleke ukuthi umkhankaso kaMkhize ufudukele eGauteng.
Kunezinhlelo zokuthi uMkhize ayokwethula isifundo ngengqalabutho ye-ANC, uNkk Bertha Gxowa, esifundeni i-Ekurhuleni.
Lapha uMkhize uzobe ehambisana nogaqele isikhundla sikanobhala jikelele kwi-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, noSihlalo we-ANC kulesi sifunda, uMnuz Mzwandile Masina.
UMasina ungomunye wabaholibe-ANC bokuqala eGauteng ukuphumela obala ngokweseka uMkhize. Ubekhona ngesikhathi uMkhize eqhuba umkhankaso wakhe eMgungundlovu naseDannhauser ngempelasonto.
Umgqugquzeli wabeseka uMkhize, uMnuz Siphiwe Blose, uthe bayaqhubeka nokuxoxisana nezinhlaka ze-ANC kwezinye izifundazwe.
“Sizama ukuphothula amalungiselelo emicimbi ezokuba kwezinye izifundazwe lapho uMkhize ezoxoxa namalungu e-ANC.”
UBlose uthe bakubone kubalulekile ukuthi umkhankaso kaMkhize uqale KwaZulu-Natal, okuyilapho edabuka khona.
“Bekubalulekile ukuthi siqale ekhaya ukuze kungabi khona umuntu ozosala ngemuva. Yonke into iqala ekhaya.”
UMkhize kulindeleke ukuthi aphinde ahlangane namalungu e-ANC eFree State. IFree State ingenye yezifundazwe ezibangwayo njengoba izinhlangothi ezisembangweni wokuhola i-ANC zilwela ukuthola ukwesekwa yilabo abahambisana noNobhala we-ANC osamisiwe, uMnuz Ace Magashule, odabuka kulesi sifundazwe.
UMagashule angeke akwazi ukungenela umbango wezikhundla engqungqutheleni yangoDisemba ngenxa yokuthi usabhekene namacala. I-ANC inomthetho ovimba abaholi bayo ababhekene namacala ukuthi bangenele umbango wezikhundla.
Uzophinde akhankase esifundazweni i-Eastern Cape. Imiphumela engaqinisekisiwe ikhombisa ukuthi kunenqwaba yamagatsha e-ANC aphakamise igama likaMkhize kulesi sifundazwe. Umkhankaso kaMkhize usanda kukhombisa ukudlondlobala emva kokuthi labo abaphikisa uMengameli Cyril Ramaphosa, beveze ukuthi bazokweseka uMkhize.
Obengumengameli wophiko lwabesifazane kwi-ANC olwahlakazwa, uNkk Bathabile Dlamini, usanda kuveza ukuthi kunesivumelwano sokuthi abaphikisa uRamaphosa bazokweseka uMkhize ngoba nguyena igama lakhe eliphakamiswe yiningi lamagatsha e-ANC aphikisa uRamaphosa.