Izingane zomlingisi wakuleli wodumo kwiSarafina neYizo Yizo, uDumisani Dlamini, zishayane zakhiphana amazinyo phesheya kwezilwandle.
UZandile Dlamini (28), ongumculi odume ngelikaDoja Cat, kuthiwa ulinyazwe kabi umnewabo, uDaluthando (30), emuva kwengxabano engaqondakali ukuthi isuswe yini bekubo eLos Angeles emasontweni adlule.
Unina walezi zingane, uDeborah Elizabeth Sawyer, ufake isicelo sesivimbelo enkantolo, enzela uDaluthando ngoba ethi uyahlupha. Ubuye wafuna kuvikelwe uDoja Cat kumnewabo.
Ngokusho kwezincwadi ezitholwe yiTMZ, uDeborah usole uDaluthando ngokulimaza udadewabo aze amkhiphe amazinyo futhi amntshontshele impahla yakhe.
Eqhuba uDeborah usole indodana yakhe ngokuchapha ngenhlamba udadewabo futhi wathi lo mculi usehlukumezile emoyeni.
UDeborah uthe uDoja Cat, odume ngengoma ethi Say So nethi Kiss Me More, uhlukunyezwe kakhulu enyameni futhi esatshiswa kaningi wumnewabo. Yize ijaji limnikezile uDeborah incwadi kodwa linxuse uDoja Cat ukuba azozifakela yena incwadi evimbela umnewabo ukuba amhlukumeze.
UDeborah uthe akaqali ukufaka isicelo sokuvikelwa kuDaluthando, ikhona incwadi esidlulelwe yisikhathi.
– IOL