UDkt Nandipha Magudumana kuthiwa ushaywe yiziboshwa ejele eKroonstad, eFree State ngeSonto lapho egcinwe khona.
Lokhu kuvezwe wummeli wakhe uMachine Motloung ngesikhathi ekhuluma esiteshini sezindaba i-eNCA ngoMsombuluko emini.
UMotloung uthe uthole izindaba zokuthi kushaywe amumele eshaywa ngesinye isiboshwa ngesikhathi esengqungqutheleni. Uthe ube esezama ukuqinisekisa akuzwile ngenhloko yejele kodwa wangayithola.
“Ngesikhathi sisahlabe ikhefu ngibe sengithola ucingo oluvela ngqo kwengimumele engitshela ngesigameko. Ngibe sengizibophezela ukulandelela nenhloko yejele. Ngamafuphi nje ushayiwe ngempela okuthiwa yiziboshwa ezimbili esinye okuyisangoma nesinye esiphazamisekile emqondweni ezitokisini,” kusho uMotloung.
Uthe sekunesikhathi esatshiswa futhi ebika ezinhlakeni ezifanele kodwa kungenziwa lutho.
UMagudumana ugcinwe kuleli jele ngemuva kokuboshwa kwakhe ngo-Ephreli ngamacala okubalwa kuwo ukusiza isiboshwa ukuthi seqe ejele. Kuthiwa wasiza uThabo Bester ukuthi eqe ejele laseBloemfontein.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ucashunywe kwi-eNCA ethi bebengakawutholi umbiko ngesigameko.