INKANTOLO yesiFunda yaseNtuzuma igwebe udilikajele owesilisa obedlwengula ephindelela unina omzalayo okhubazeke ngomqondo KwaMashu.
Ngokobufakazi obethulwe enkantolo, lo wesilisa oneminyaka engu-31 obehlala nonina, waqala ukumnukubeza ngokocansi kusukela ngo-2020. Kuvela ukuthi kusukela lapho, lokhu bese kuyinsakavukela njengoba kuthiwa ubesemdlwengula cishe nsuku zonke.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa KwaZulu-Natal, iNational Prosecuting Authority (NPA), uNkk Natasha Ramkisson-Kara uthe umgilwa waqale wabikela omakhelwane ngayekade ekwenziwa yindodana yakhe kodwa bangamnaka.
Kuthiwa indaba yaze yabhadlazwa udadewabo kamgilwa emaphoyiseni emuva kokuthi exoxelwe ngokukade kwenzeka.
“Udadewabo wayevakashile ephuma kwesinye isifundazwe waxoxelwa wumgilwa ukuthi unukubezwa yindodana yakhe. Emuva kwalokho udadewabo kamgilwa walubika emaphoyiseni udaba, zamkhalela umsolwa,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Inkantolo ifundelwe isitatimende esichaza ngobunzima umgilwa abhekane nabo emuva kokudlwengulwa.
Kusona uveza ukuthi okwamehlela kuzomkhinyabeza impilo yakhe yonke.
“Uchaza nokuthi kwaphoqeleka ukuthi athuthe lapho ayekade ehlala khona ngenxa yento ayenziwa indodana yakhe engakhombisanga ukuzisola,” kusho iNPA.
Inkantolo yahlulele nangokuthi igama lale wesilisa lifakwe ohlwini lwabantu asebeke balahlwa amacala athinta ucansi.
INPA yamukele ukushushiswa ngempumelelo kwalo wesilisa incoma umsebenzi wabashushisi namaphoyisa. Ithe kuwumsebenzi wayo ukuvikela abantu abangakwazi ukuzivikela emphakathini.
Khonamanjalo, le nkantolo igwebe udilikajele indoda ena-58 eyayingumqeqeshi wesibhakela ngokudlwengula intombazane ena-13.
Ibhanselwe nangeminyaka eyisikhombisa ngokufundisa umgilwa izinto eziphathelene nocansi.
Kuthiwa umgilwa wayeqeqeshelwa isibhakela umgilwa. Kuthiwa wayeqala ngokumanga bese eyamqabula uma embingelela.
“Wagcina esedlwengula umgilwa isikhathi esingaphezu konyaka. Umgilwa wangatshela muntu okwakumehlela kodwa ekubhala phansi ebhukwini. Langa limbe unina kamgilwa walibona ibhuku wambuza ngokwakubhalwe kulona,” kusho iNPA.
Kuthiwa unina wengane wabuza umsolwa ngokwakubhaliwe kodwa waphika kunalokho waya ekhaya likamgilwa wafuna ukukhokha isinxephezelo okuyinkomo.
Kuvela ukuthi umalume nonina wengane bakunqaba lokhu bavele babikela amaphoyisa, wagcina eboshwa umsolwa.