UYALELWE ukuthi ahambise i-passport yakhe kubaphenyi, angaxhumani nofakazi obenguSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula ngoLwesine ngesikhathi ededelwa ngebheyili kaR50 000 yinkantolo yasePitoli.
Kuvele ukuthi akayona ingozi yokuthi angase abalekele kwamanye amazwe njengoba ezinikele kwabezomthetho.
UMbuso uveze ukuthi uhlela ukwengeza omunye ufakazi ecaleni likaNkk Mapisa-Nqakula obhekene namacala angu-12, athinta inkohlakalo nokushushumbisa imali ubuye asolwe ngokwamukela intshontsho komunye wosonkontileka owayethole ithenda eMnyangweni wezokuVikela, ngesikhathi esanguNgqongqoshe kulo mnyango.
Umshushisi u-Advocate Bheki Manyathi, ubefune ukuthi uNkk Mapisa-Nqakula anikwe ibheyili kaR100 000, kodwa wakhala ummeli wakhe u-Advocate Graham Kerr-Phillips, otshele imantshi uNkk Anna Oosthuizen, ukuthi usesempeshenini ngakho ngeke abe nemali engaka.
Imantshi ithe kumele abuyele enkantolo ngoJuni 4, 2024.
UManyathi uthe unecala eliqinile ngakho ufuna liye enkantolo enkulu.
Uthe ubhekene necala lenkohlakalo yemali efinyelela kuR4.5 million, kule mali uR2.1 million wawuthola uwukheshi izikhawu ezehlukene kanti wabuye wathola izipho ezehlukene okubalwa izikhwama newigi ebizayo.
UNkk Mapisa-Nqakula uzinikele esiteshini samaphoyisa iLyttelton, wase edlulela enkantolo. Ubephelezelwa umyeni wakhe uMnuz Charles Nqakula, kanti enkantolo bekukhona owayengusomlomo wePhalamende uNksz Baleka Mbete, obezomeseka.
Efunda incwadi efungelwe uKerr-Phillips, uthe uNkk Mapisa-Nqakula, akazi lutho ngamacala abhekene nawo.
Uthe usekhulile futhi uphila nezifo ezingamahlalakhona.
Ubalule ukuthi udla amaphilisi esifo somfutho wegazi ophezulu.
“Lesi sifo siyingozi ngoba kudingeka ahlale edla amaphilisi aso. Ukhathazekile ngesimo samajele nokuthi isifo anaso siyingozi.”
UManyathi uthe ngeke bayiphikise ibheyili ngenxa yesimo sempilo yakhe nokuthi akayona ingozi yokuthi angabalekela kwamanye amazwe.
Eminye yemibandela yebheyili ngukuthi i-passport yakhe kumele ayihambise ngoMsombuluko, ngo-Ephreli 8 ungakashayi u-4 ntambama, kumele angasifaki esinye isicelo se-passport entsha.
I-DA isiphakamise ukuthi sisheshe sivalwe isikhala sikaSomlomo wePhalamende.
Leli qembu lithe asikho isidingo sokulinda kanti ithe iyakwamukela ukusula kwakhe esikhundleni.
Namanye amaqembu athe ayahambisana nesinqumo sakhe sokusula esikhundleni.
IPhini lokuqala likanobhala jikelele we-ANC , uNkk Nomvula Mokonyane, lithe uNkk Mapisa-Nqakula, usule njengelungu lePhalamende kanjalo nokuba uSomlomo.
“Akasulanga njengelungu le-ANC, usayilungu eligcwele lenhlangano,” kusho uNkk Mokonyane.