UNDUNANKULU kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ucelele iSilo samaZulu, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, umkhuleko njengoba eveze ukuthi iSilo siyadunguzela.
UButhelezi ucele abaholi bezenkolo ukuthi bathandaze baqinise njengoba ethe isimo seSilo sibi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emkhulekweni obubizwe abaholi bezenkolo, oLundi, izolo.
Yize engasidalulanga isifo esiphethe iSilo, uButhelezi uveze ukuthi iSilo sidinga ukwelashwa ngokuphuthuma.
“ISilo siyadunguzela. Kufanele sithandaze siqinise ngoba isimo asisihle, iSilo kufanele sithole ukwelashwa. Ngiyajabula ukuthi namhlanje nikhulekele neSilo sethu ngoba ngingakusho ngokungananazi ukuthi izinto azihambi kahle eSilweni sethu.”
UButhelezi uthe imibiko engemihle ngendlunkulu esabalale ezinkundleni zokuxhumana mumva nje ibe nomthelela ongemuhle empilweni yeSilo.
Phakathi kwale mibiko, uButhelezi ubalule inkulumo eqoshiwe eveza izinsolo zokuphinga phakathi kukandlunkulu weSilo nomunye wabantwana abasondelene neSilo.
Uphinde wabalula nokusocongwa kwezethenjwa zeSilo okukhona kuzo uMntwana uMbongiseni Zulu, athe kubeka engcupheni impilo yeSilo.
Inkulumo eqoshiwe yenza izinsolo zokuthi uMntwana uMbongiseni wasocongwa ngabantwana abasondelene neSilo.
Uveze ukuthi usecele ukuthi ezinye zalezi zinsolo ziphenywe ungqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele.
“Kunophenyo olunzulu oluqhubekayo. Ngithi anginibikele lokhu njengamakholwa.”
UButhelezi uthe ngendlela isimo esinzima ngayo iSilo sesike saya komalume waso, eSwatini, ngaphandle kokumazisa.
“ISilo siye eSwatini. Nami ngizwe ngamahlebezi ukuthi iSilo siseSwatini. Ngibe senginquma ukuthi ngifonele iNkosi uMgwagwa, osehhovisi leNgonyama yamaSwati, ngibuza ukuthi yini le engiyizwayo ukuthi iSilo siza eSwatini? ISilo sagcina sifonile phakathi kwamabili, sifonela indodana yami, siyitshela ukuba ingazise ukuthi siseSwatini.”
Kuvela izindaba zokudunguzela kweSilo nje indlunkulu kaZulu ilungiselela icala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi.
Icala elithinta lo mbango lizongena enkantolo eNkulu ePitoli ekupheleni kwenyanga ezayo.
Indlunkulu ihlukene kathathu kulo mbango.
Kukhona abahamba neSilo bese kuba khona abahamba noMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini.
Olunye uhlangothi luhamba noMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini.