UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe besingekho isidingo sokuthi kuze kube khona ukunqakisana ngamazwi phakathi kukahulumeni wesifundazwe neMeya kaMasipala waseMngeni, uMnuz Chris Pappas, okwenzeke ngaphambi kwembizo ebibizwe nguNkk Dube-Ncube ebikulo masipala.
Le mbizo, ebiselokishini laseMpophomeni ngoMgqibelo, isuse omkhulu umsindo njengoba uPappas enze izinsolo zokuthi uhulumeni wesifundazwe awuzange ulandele imigudu efanele ngesikhathi ufaka isicelo sokusebenzisa inkundla yezemidlalo eseMpophomeni, obekubanjelwe kuyo imbizo.
UMasipala waseMngeni ubuhlele ukuba nomcimbi wezemidlalo ngawo uMgqibelo kule nkundla kepha lo mcimbi ugcine ubhuntsha ngemizuzu yokugcina.
NgoMgqibelo uPappas uveze ukuthi iyahoxa le midlalo ngenxa yokwesabela udlame.
NgoLwesihlanu kuphakame imimoya ngesikhathi abasebenzi basehhovisi likaNkk Dube-Ncube behambele enkundleni ukuyokwenza amalungiselelo.
UPappas wenze izinsolo zokuthi laba basebenzi bagqekeze enkundleni emva kokuthi sebetsheliwe ukuthi abanayo imvume yokungena ngaphakathi.
NgoMgqibelo uNkk Dube-Ncube uthe besingekho isidingo salo msindo.
“Imbizo kayiyifaki ipolitiki – uhulumeni usuke eze kubantu – kungakhathalekile ukuthi bangamalungu aliphi iqembu. Uma uhulumeni eletha izidingo kubantu, awubabuzi ukuthi bayiliphi iqembu. Kuyasidabukisa lokhu okwenzeke ngaphambi kwembizo yanamuhla (ngoMgqibelo), lapho kube khona ukunqakisana ngamagama phakathi kukahulumeni nemeya kaMasipala waseMngeni.
“Besingekho nakancane isidingo sokuthi kube khona ukunqakisana ngamazwi ngoba imbizo isuke ilethe izidingo kubantu bendawo, kayibheki ukuthi bangaliphi iqembu. Siyabonga ukuthi niphume ngobuningi benu nizothamela imbizo yize kuwuMgqibelo, ovame ukuthi ube nemicimbi eminingi edinga ukuthi abantu baye kuyona,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Kulo mcimbi uNkk Dube-Ncube ufike walalela izinkinga ezivezwe yizakhamuzi zakulo masipala.
Abantu bakule ndawo bakhale ngobugebengu, amanzi, imigwaqo nezindlu.
UNksz Zandile Zungu, ohlala emijondolo eShiyabazali, uthe izimo abahlala ngaphansi kwazo azizinhle.
“Abantu bayasha bafe emijondolo. Kade kusha nje ezinsukwini. Sicela ukwakhelwa imixhaso. Siyazi ukuthi sinendawo yethu esibekelwe yona kodwa okusikhathazayo ukuthi sekukhona abantu asebakhe kuyona.”
Abahlali basemapulazini akule ndawo bona bakhale ngokungazitholi izidingo, bathi abanikazi bamapulazi bayenqaba ukuthi uhulumeni alethe izidingo.
UNkk Dube-Ncube uthembise ukuthi zizosukunyelwa izikhalazo zabantu baseMpophomeni.
Undunankulu uthe baphezu kwezinhlelo zokwakha isiteshi samaphoyisa esisha kuleli lokishi esizobhekana nobugebengu obenzeka kule ndawo, waphinde wethula amavolontiya angu-100 azolwa nobugebengu.
Ube esethula uhlelo lokulungiswa kwezindlu ezingu-816 ezivuzayo.
Enkingeni yamanzi, uthe uMengameli Cyril Ramaphosa noNgqongqoshe woMnyango wezaManzi neNhlanzeko, uMnuz Senzo Mchunu, bazokwethula uhlelo luka-R600 million lokuqeda inkinga yamanzi kule ndawo.