UNINA wengane okuthiwa ibulawe nguyise ngesihluku ngoLwesihlanu, uthi ufuna abolele ejele ngobuhlungu amzwise bona.
Kuthiwa uSfundo Sibisi (8) ulandwe nguyise koninalume, KwaNdengezi, ngosuku lwesigameko, ezenza umuntu ofuna umufi amvakashele. Isidumbu sakhe sitholwe ehlathini eliseduze kwedamu eNtshongweni.
Unina kamufi, uNksz Nonhlanhla Sibisi, uthe ngesikhathi umsolwa elanda umufi kubo, yena ubesemsebenzini, eshiye umufi nonina omncane ongazange axwaye uma umsolwa ethi uzolanda umufi ngoba vele yingane yakhe.
“Emva kwamahora ambalwa, ngithole izingcingo ezahlukene zivela kuyise wengane ethi ufuna ukungitshela ukuthi useyibulele-ke ingane yami,” kusho uNksz Sibisi.
Uthe uyise wengane uthe lokhu ukwenze ngoba efuna ukumzwisa ubuhlungu.
UNksz Sibisi uthe yize ebengamkholwa, kodwa ngokumazi ukuthi uwumuntu onodlame uqoke ukuthi ayobika emaphoyiseni endawo.
“Ngihambe nawo ngaya kubo, ngesikhathi abanye bomndeni wami beya ehlathini ukuyobheka lapho athe umshiye khona umntanami,” kusho yena.
Uthe bathe uma befika kubo kayise wengane bathola ukuthi akakaze afike nendodana yabo khona.
“Kusenjalo, ngiphinde ngathola ucingo luvela kuye umsolwa ethi angitshele amaphoyisa ahambe kubo, ngisale mina ukuze ezoza ngoba lapho ekhona uyasibona ukuthi sikubo namaphoyisa,” kuchaza unina kamufi.
Uthe uzenze umuntu osalayo kodwa wahamba nawo amaphoyisa ngoba ubenovalo lokuthi uma esala angahle amenzakalise naye.
“Yize bese kuphele unyaka sahlukana kodwa ubehlale ekusho ukuthi ngelinye ilanga uzobulala ingane yethu alandele ngami, adlulele kwamanye amalungu omndeni wakhe, ngaphambi kokuthi azibulale naye,” kubeka uNksz Sibisi.
Uthe bathe uma bebuya namaphoyisa, uyise wengane wayesefikile kubo, ekhombisa ukuthi ulungiselela ukubaleka, kodwa ubesalokhu esho ukuthi vele uyibulele ingane.
“Kuthe noma amaphoyisa esembophile, ubelokhu eqhubeka nokuthi uma ebuya ejele uzozoqedela akuqalile ngokuthi abulale nami. Ingaleso sizathu ngithi ngifuna abolele ejele ngoba uma engaphuma ngizobe ngingaphephile,” usho kanje.
Udadewabo kamsolwa, uNksz Thandiwe Hlophe, uthe ibashaqile into eyenziwe ngumfowabo ngoba ubebukeka ewumuntu oyithandayo indodana yakhe.
“Sisashaqekile, isithuse sonke into ayenzile,” kusho uNksz Hlophe.
Uvumile ukuthi umsolwa ubenazo izimpawu zodlame kunina wengane futhi kukhona lapho owake wakhipha khona amazwi okuthi uzobabulala kodwa bangazitshela ukuthi yinto angagcina eyenze ngempela.
“Besizitshela ukuthi uyazisabisela nje. Esikusolayo ukuthi bekungavumi amukele ukuthi unina wengane yakhe akasamthandi ngoba ubengayeki ukukhuluma ngaye ngisho eseqonywe enye intombi, futhi bekuke kwenzeke ukuthi uma bebonana kuvakashiswa ingane, amhlasele ngokumshaya,” kusho uNksz Hlophe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekise ukuthi umsolwa bekulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo.
“Amaphoyisa aKwaNdengezi, abophe indoda (28) kulandela ukubulawa komfana eNtshongweni, ngoLwesihlanu,” kusho uCol Netshiunda.
Uthe ubulawe ngokuklinywa ngentambo maqede umzimba wakhe watshingwa esikhotheni.