ATHWELE kanzima amazwe asathuthuka emhlabeni ngokunyuka ngamandla kwezikweletu abhekene nazo kanjalo nemali ekhokhelwa lezi zikweletu zinyanga zonke.
Lokhu kushiwo ngoMengameli Cyril Ramaphosa, othe lokhu kukhula kwezikweletu ezibhekene nalawa mazwe, kwehlisa imali ayichithayo ezinhlelweni ezibalulekile ezifana nezemfundo.
“La mazwe agcina ehlisa imali ayikhokhela izidindo ezibalulekile ezifana nezempilo, ezemfundo, izibonelelo kanjalo nezithinta ukuthuthukisa umnotho. Lokhu kwenza umnotho kula mazwe ukhule kancane,” kusho uRamaphosa ekhuluma emhlanganweni woNgqongqoshe bezeziMali bamazwe angaphansi kwe-G20, eKapa, izolo.
Uthe njengoba izintambo zokwengamela i-G20 zinikwe elakuleli, bazoyibheka eyokunyuka ngamandla kwezikweletu zamazwe asathuthuka.
Uveze ukuthi uke wahlangana nababengabaholi kwamanye amazwe e-Afrika, asebeqale izinhlelo zokutakula amazwe abhekene nale nkinga yezikweletu.
“Le nselelo ebhekene namazwe ase-Afrika idinga isixazululo esiphuthumayo. Ngiyazamukela izinhlelo ezifuze lezi ngoba ziyasisiza kakhulu,” kusho uRamaphosa.
Uthe izosiza kakhulu ingqungquthela ethinta ukuxhaswa kwamazwe asathuthuka ezoba seSpain ngoJuni, nonyaka.
Usho lokhu nje, elakuleli lingelinye lamazwe abhekene nenkinga yesikweletu esikhulu njalo, kanti nemali ekhokhwa ngelakuleli ngenxa yesikweletu esiphezulu.
UNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, waveza ukuthi isikweletu sezwe kulindeleke ukuthi sibe ngaphezu kuka-R5.2 trillion, onyakenimali u-2024/2025.
Lesi sikweletu sikhokhelwa u-R1 billion ngosuku.
Ukhale nangokuguquka kwesimo sezulu athe sishiya umonakalo.
Nangesikhathi evula iNdlu yabaHoli boMdabu ePhalamende, eKapa ngoLwesibili, uyithintile eyokuguquka kwesimo sezulu okudala umonakalo omkhulu.
URamaphosa uthe imvula eshiya kukhalwa, idlule nemiphefumulo yabantu ikakhulu KwaZulu-Natal.
Uthe engakaligwinyi kwaphinde kwagadla imvula ngoLwesibili ebusuku eThekwini, edlule nemiphefumulo eyisithupha.
Kubukeka isijwayele imvula eba yinhlekelele e-KZN.
URamaphosa uthe njengoba bekuqala emlandweni ukuthi umhlangano we-G20 ubanjelwe e-Afrika, lokhu kukhomba ukuthi umnotho waleli lizwekazi uyakhula.
“Umphakathi uyakhula, kunezinselelo ezibhekene nezwekazi i-Afrika. Indlala ngezinye zezinselelo ezibhekene nabantu.”
Uthe kubalulekile ukuthi kukhuliswe umnotho wase-Afrika.
“Asiphokepheleni phambili ekukhuliseni umnotho ukuze namanye amazwe ahlomule. Asikwenzeli thina sodwa lokhu kodwa nabantu basemhlabeni jikelele.”