ISIDUMBU somfundi okuthiwa ugcine ukubonakala ngoMgqibelo ebusuku sitholwe silaliswe eceleni kwendlela ngeSonto ekuseni.
USanele Mncwabe (18) obefunda uGrade 12, eMagqibagqiba Secondary, isidumbu sakhe sitholwe ngabomndeni sinezibazi zokushaywa eNkangala, eNanda.
Okhulumela onogada bakwa-Reaction Unit of South Africa, uMnuz Prem Balram, uthe bathole ucingo luvela emndenini ucela usizo emva kokuthi uthole isidumbu.
“Ngokusho komndeni, kufike abangani abathathu bakaSanele kubo babuza ukuthi ubengakabuyi na. Bazise umndeni ukuthi bebeshaywa ngamalungu omphakathi abebasola ngokuntshontsha iselula kodwa bona bakwazi ukweqa babaleka, emva kwalokho bangakwazi ukumbona ukuthi yena uphelele kuphi. Umndeni ubusuqala ukumcinga okuholele ekutheni uthole isidumbu sakhe sinezibazi eNkangala,” kusho uMnuz Balram.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala, wathi imbangela yokubulawa kwakhe ibingakaziwa.
Kwenzeka lokhu nje, kulindeleke ukuthi namuhla libuyele eNkantolo eNkulu yaseThekwini icala elibhekene noMnuz Mabhuti Hopewell Nyamakazi (49), owaboshwa ngo-Agasti nyakenye ngecala lokunyamalala kukaMmeli Ngcobo, owayefunda uGrade 12 eHillgrove Secondary, eNewlands West.
UMmeli wayegcine ukubonakala ngoFebhuwari nyakenye. Kuthiwa ngosuku agcina ukubonwa ngalo, kwabonakala uNyamakazi emphoqa ukuthi agibele ngenkani emotweni emva kokuphuma kwesikole, emsola ngokweba iselula yengane yakhe eyayifunda noMmeli ekilasini.
Unina kaMmeli, uNkk Hlengiwe Ngcobo, uthe yize zikhona izinsalela zesidumbu ezigcinwe emakhazeni futhi betshelwe ukuthi ulibofuzo lukhomba ukuthi ezendodana yakhe, umndeni ukholwa ukuthi akusilona iqiniso. Balindele ukuthi ummangalelwa akhiphe iqiniso ukuthi wamshonisaphi. UNyamakazi selokhu atoka kusuka ngo-Agasti nyakenye njengoba anqatshelwa ibheyili.