KUDUTSHULWE kwabulawa umsolwa obengaphandle ngebheyili yamacala angu-29 okweba nokuduna izimoto.
Ithimba elihlanganisa amaphoyisa ezinhlaka ezahlukene nenkampani yonogada ezimele bebelandela abasolwa ecaleni lokuthunjwa kukasomabhizini waseBenoni, uMnuz Shamshudeen Faki.
Lo somabhizinisi oneminyaka engu-68 ubudala, wathunjwa esendaweni yebhizinisi lakhe ngoMgqibelo ngoMeyi 11. Abasolwa baxhumana nomndeni wakhe befuna izigidi zamaRandi ukuze adedelwe.
Ngokombiko wamaphoyisa, umgilwa wafa esasezandleni zabathumbi bakhe kanti isidumbu sakhe size satholakala ngoMsombuluko, silaxazwe eDalpark.
“Isidumbu sikamgilwa owathunjwa ngoMgqibelo sitholwe amalungu eCPF eDalpark, ngoMsombuluko, okuyiwona ashayele amaphoyisa,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Ithimba ebelihlanganiselwe ukuphenya icala lokuthumba lilandele umkhondo wolwazi ngabasolwa lwabaholela kuN12 phakathi kweKliprivier nejika lomgwaqo uXavier eGoli, lapho kube nokungqubuzana nabasolwa abebehamba ngengqovungqovu yeveni ngoLwesibili ebusuku.
Umsolwa obehamba ngale moto udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa. Ngesikhathi kuseshwa imoto abehamba ngayo kutholakale izincwadi zikaMnuz Faki, amalambu aluhlaza, izinombolo zezimoto ezazisetshenziswa kuthunjwa umufi, izibhamu ezimbili okuyi-pistol nevolovolo.
Uphenyo lokuqala luveze ukuthi lo msolwa obulewe unamacala angu-29 okweba nokuduna izimoto futhi ubefunwa ngamaphoyisa kulandela ukunyamalala ngemuva kokudedelwa ngebheyili.
Amaphoyisa aveze ukuthi ayaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa abebesebenza nalo obulewe.