UVUSE umunyu umfelokazi, uNkk Lindsay Myeni ngesikhathi ekhihla isililo ekhalela owakwakhe, uLindani Myeni enkonzweni yomngcwabo ebiseSikhaleni, ngoMgqibelo.
UMyeni, obengumdlali webhola lombhoxo ufe ephesheya e-USA lapho okusolwa khona ukuthi ubulawe ngamaphoyisa emsola ngokugqekeza.
Udaba lwakhe lube wundabamlonyeni ngoba luze lwangenwa wuhulumeni wakuleli.
UNkk Myeni wethule inkulumo evalelisa kumyeni wakhe, lapho ehluleke khona wukuzibamba wakhala. Ubabaze ukwesekwa akutholile kubantu bakuleli ngesikhathi esizinzima. Uchaze umufi njengomuntu obeyisimanga.
“Animazi ukuthi wubelunge kanjani, anazi indlela akade enakekela ngayo, ubefana nekhaya lapho ngizizwa ngiphephe khona,’’ kuchaza umfelokazi uNkk Myeni.
Kusolwa ukuthi umufi ubewumgilwa wamaphoyisa acwasa ngokwebala. Umndeni kaMyeni usafuna kwenziwe ubulungiswa ngodaba lwakhe.
Lokhu kudale umunyu ezithamelini ebezisenkonzweni lapho zizibonela zona ubuhlungu nomunyu ababhekene nabo abomndeni.
Umngcwabo wubuhanjelwe yizikhulu zikahulumeni KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni onguNgqongqoshe wezokuPhepha, ukuThutha nokuXhunyaniswa koMphakathi noNksz Hlengiwe Mavimbela ophethe ezobuCiko, amaSiko nezemiDlalo. Uhulumeni ungene wagamanxa ulekelela ukubuyiswa kwesidumbu sikaMyeni, ukuze sizongcwatshwa kahle kubo. UNkk Myeni ubonge kakhulu isenzo sikahulumeni.
Ukufa kukaMyeni kufuze okukaMnuz George Floyd naye owafa ezandleni zamaphoyisa, kwasuka umsindo omkhulu cishe emhlabeni wonke.
Iphoyisa elabulala uFloyd ligcine lilahlwe yicala, laphelelwa wumsebenzi. Lokhu kubuyise ithemba ngokuthi nakuMyeni kuzoba khona ubulungiswa uma uphenyo lwenziwe kahle. Umndeni kaMyeni usezinhlelweni zokubopha amaphoyisa abulale indodana yawo.