UMLINGISI we-The Black Door ekhonjiswa kwi-e.tv ongomunye wabaqokwe emncintiswaneni wama-6th Royalty Soapie Awards, uthe ubeke ithemba lakhe kubalandeli.
UKwanda Manyathi (20) ulingisa indawo kaVelaphi kulo mdlalo okhonjiswa njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Le nsizwa iqokwe ngaphansi kohlu lwabalingisi abasafika endimeni, emkhakheni we-Outstanding Newcomer.
Phakathi kwabalingisi abanga nabo isicoco kubalwa uDavid Viviers odlala indawo kaLiam Vorster kwiBinnelanders, Phineas Bullets olingisa indawo ka-Osama kwiDiepcity, Thabiso Molokomme onguPaxton Kgomo kwi-Skeem Sami, Sibonginkosi Tenza olingisa indawo kaNandi Mkhize kwi-The Black Door noVuyo Biyela odlala indawo kaMlilo Hlophe kwi-The River.
Ekhuluma nentatheli yeSolezwe ngeSonto, uKwanda, uthe kuyisifiso sakhe ukuphakamisa igama lelokishi laseMlaza kodwa konke lokho kusezandleni zabalandeli bakhe.
"Ngingumuntu osebenza ngokuzinikela impela kodwa bengingakaze ngicabange ukuthi nami ngiyoke ngibe sohlwini lwabantu abaqokwa emncintiswaneni ofana nalo. Kumanje abantu sebeqalile ukungithumelela ama-airtime ngoba befuna ukuthi ngivote. Empeleni konke kulele ezandleni zabalandeli bami," kusho le nsizwa.
Eqhuba uKwanda, uthe ukholwa wukuthi ukulingisa kwi-The Black Door kumlekelelile ekuthuthukiseni izinga lakhe kwezokulingisa.
Ngaphambilini le nsizwa ibilingisa emidlalweni yeshashalazi.
Lo mlingisi osezinze eGoli ngenxa yomsebenzi, uthe isifiso sakhe ukulekelela intsha yaseMlaza enekhono emkhakheni wezokulingisa, emculweni kanjalo nentsha enekhono lokudansa.
"Ukuvula isikhungo esithuthukisa amaciko eMlaza ngenye yezinto eziseqhulwini kimi. Ngikholwa wukuthi mukhulu umahluko ongaba khona kuwo wonke amaciko akuleli lokishi," kusho lo mlingisi.
Ephetha ngezinhlelo zakhe, uthe kumanje umatasa nokuhamba izinhlolokhono ngenhloso yokuzama enye indawo angalingisa kuyo emidlalweni ekhonjiswa kwithelevishini.
Umcimbi wama-6th Royalty Soapie Awards kulindeleke ukuthi ukhonjiswe ngoMashi 25 kuSabc 1 ngo-8 ebusuku.