ULAHLWE elakubo owesilisa waseSkhwebezi, eVryheid oboshwe ngemuva kokutholwa nenyama yenkomo okusolwa ukuthi eyokwebiwa.
Umsolwa uboshwe amaphoyisa aseVryheid ophiko olulwa nokwebiwa kwemfuyo nawezobunhloli esehlathini okutholwe kulo inyama nenkomo efile nezinye ebeziphila.
Inkosi yaseMpithimpithini, eNgome, uuDerrick Buthelezi, ithe umsolwa ubesekhathazile endaweni.
“Lo muntu usehluphe ngisho umndeni wakhe njengoba egcine ehamba ekhaya ngayo le mikhuba yakhe. Izinkomo abasazintshontshi ebusuku kodwa sebezithatha emini bayozihlinza badayise inyama yazo emabhusha aseVryheid angekho emthethweni. Le nto isiphethe kabi kakhulu ngoba umnotho wethu lona abawucekela phansi,” kusho uButhelezi.
Uthe okwamanje usalinde izinduna zakhe zimbikele ukuthi eyakwabani inkomo ebiyebiwe ngoba ibisayobhekwa kuzobonwa nesikhumba sayo.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa uveze ukuthi lo msolwa akwaziwa noma uyathinteka yini kwamanye amacala okwebiwa kwezinkomo ezingu-27 ezebiwe eVryheid, epulazini ngesonto eledlule. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe umsolwa oneminyaka engu-43 kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo ngecala kokutholwa nemfuyo yokwebiwa.