I-MK isabisa ngemibhikisho uma uhulumeni eqhubeka nokunyusa intela, nokuvala ibhange Ithala.
USotswebhu omkhulu we-MK ePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe bazomisa yonke into uma uNgqongqoshe wezeZimali, uMnuz Enoch Godongwana, eke wamemezela ukunyuswa kwentela uma esethula isabelomali, ePhalamende, kusasa.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi kunombhikisho emahhovisi oMnyango kaMgcinimafa, ePitoli.
"Sizomisa yonke into eNingizimu Afrika. Sizogovuza abantu ukuba babhikishe. Sizokuba nemibhikisho enokuthula, umthetho uyasivumela ukuba sibe nemibhikisho. Sizokuba nemibhikisho enokuthula kodwa kuzokuma yonke into emadolobheni. Siyabanxusa ukuthi bangasifaki umunwe esweni. Abayeke ukwenyusa intela."
Kwahlehliswa ukwethulwa kwesabelomali ngenxa yokuthi amaqembu amaningi ayengavumelani nokunyuswa kwentela ngo-2%.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi uhulumeni uhlongoza ukunyusa isabelomali ngo-0.75%.
UManyi uthe ukunyuswa kwentela kuzokhahlameza abantu abantulayo.
"Noma kungathiwa izonyuswa ngenani elingakanani intela, simile ekutheni asivumelani nokunyuswa kwayo. Ukunyuswa kwentela kuzokhahlameza abantu abavele bathwele kanzima ngenxa yesimo somnotho esingesihle. Zikhona ezinye izindlela uhulumeni angathola ngayo lemali ayifunayo ngaphandle kokuthi anyuse intela."
Emva kokubhikisha emahhovisi oMnyango woMgcinimafa, amalungu e-MK abe esedlulela emahhovisi ebhange loMbuso.
UManyi uthe bayaphikisana nokuvalwa kwebhange Ithala. Uthe inkinga yeThala ingalungiseka inqobo nje uma uGodongwana engalinikeza ushwele.
"Kuyo yonke leminyaka Ithala belilokhu lilekelela abantu. Ithala liyaqhubeka nokusebenza kahle. Azikho izinkinga ezinkulu eThala. Inkinga nje yaseThala into engalungiseka kalula. Inkinga nje ukuthi Ithala ligxile esifundazweni esisodwa nokwenza ukuthi kube nzima ukuthi lithole ilayisensi yokuba yibhange. Umthetho uyamvumela uGodongwana ukuba anikeze Ithala ushwele. Sasingekho isidingo sokuthi uGodongwana asayine isicelo se-Prudential Authority, sokuba kuvalwe Ithala."
UManyi uthe ukunyuswa kwentela, nokuvalwa kweThala kukhombisa ukuthi uhulumeni ophethe awubakhathaleli abantu abahlwempu.
"Siyazama ukuphikisana nalezinto ePhalamende kodwa ayikho into esingayenza ngoba yibona abaningi, bavele bathi akuvotwe. Labantu ababakhathalele abantu."