SICHITHWA nxa zonke isiphakamiso sikaMasipala weTheku sokusebenzisa uR2.8 million, kushintshwa uphawu olusetshenziswa yilo mkhandlu ezintweni zawo.
Lolu phawu olwaqala ukusebenza ekuqaleni kuka-2000 ngemuva kokuhlanganiswa komasipala abehlukene befakwa kuMasipala waseThekwini, kuhlelwe ukuthi lushintshwe ukuze luhehe luphinde luhambisane nezinhlelo zangomuso zomkhandlu.
Ekhuluma neNewzroom Afrika umengameli wenhlangano iThekwini Ratepayers and Residents Association, uMnuz Ish Prahladh, uzichithile lezi zinhlelo zomkhandlu wathi le mali ingenza izinto eziningi.
Uthe imali ingafakwa ezinhlelweni zokuthuthukisa ingqalasizinda yamanzi kanjalo nezinye izingqinamba ezibhekene nomkhandlu.
"Imali ayifakwe ezinhlelweni zokusiza umphakathi ngoba ukushintsha uphawu ngeke kuziqede lezi zinkinga. Kunemigodi engavaliwe emigwaqweni, abantu banezikweletu zezinsiza ngakho le mali ingenza izidingo ezibalulekile," usho kanje.
Ikhansela le-DA uMnuz Thabani Mthethwa, lichithe lolu hlelo lathi imali ingasebenza ezinhlelweni zokusiza umphakathi.
UMthethwa uthe iTheku lisanda kuhlaselwa yizinhlekelele ngakho imali ingasiza kulezo zinhlelo, kanjalo nakwezinye.
"Kunenkinga yamanzi ngakho le mali ingasiza kulezi zinhlelo nezithinta ugesi. Uma sekushintshwe uphawu kuzosho ukuthi kumele kushintshwe nemibhalo ezimotweni zomkhandlu, kwi-stationery, nakwezinye izinto zomkhandlu okubalwa nomfaniswano," kusho Mthethwa.
Inkinga yamanzi indaba egudwini kulo mkhandlu njengoba mihla namalanga imiphakathi ehlukene ihlale ikhala ngokuthi ayinawo amanzi.
Ngokukamasipala le mali izosebenza ezintweni ezehlukene okubalwa izigcawu zomphakathi lapho uzophawula khona ngokushintshwa kophawu.
Esitatimendeni le mali kuthiwa izothathwa emalini yophiko lwezokuxhumana ngaphansi komkhandlu hhayi emalini yokuhanjiswa kwezidingo emphakathini.
"Enye yale mali izosebenza emikhankasweni yomphakathi okubalwa neyabezindaba. Kuzoba nemincintiswano lapho abantu bezowina khona kuphinde kwenziwe kabusha izinto ezizoba nophawu olusha," kusho umkhandlu.